Okamsakandi uzohlanganisa amaciko akwaZulu nawakwaXhosa

788

Bafuna namavukana akhule nezimpande zobunye phakathi kwawakwaZulu nawakwaXhosa

KUQINISWA amaxhama okuxhumana phakathi kwabaculi bakamaskandi baKwaZulu-Natal nabase-Eastern Cape, ngomcimbi Ugu Masikandi Festival, ozokuba seHarding Sports Ground ngoMgqibelo, lapho kuzoba nedili lomculo kucotshelelwane nangolwazi ekuzithuthukiseni kulolu hlobo lomculo. 

Ngaphandle kwabaculi, kuhlanganiswe nabasakazi bazo zombili lezi zifundazwe njengoba uhlelo luzobe luphethwe nguKhathide “Tshathugodo” Ngobe woKhozi FM noMonwabisi “Gudla” Bangi woMhlobo Wenene FM. 

Umhleli walo mcimbi, uMnu Siyabonga Mkhungo, woGu Broadcasting Service, uthe inhloso yawo wukuhlanganisa amaciko kamasikandi angaphansi kwalezi zifundazwe ukuze ezothola ithuba lokuba ndawonye, achushisane ngezinto eziningi ezingaphakamisa umasikandi nhlangothi zombili. 

Uthi amaciko akulesi sifundazwe nawakwaXhosa, acula ezifundazweni zawo ngenxa yokungabi nakho ukuxhumana okuhle. Uveze ukuthi kunabaculi abaningi e-Eastern Cape abaziwayo esifundazweni sabo, kodwa kabadumile KwaZulu-Natal. 

“Ngikubone kuwumqondo omuhle ukuhlanganisa izizwe zabeNguni engikholwa wukuthi lo mcimbi uzothela izithelo ezinhle njengoba silande abaculi bakwa-Xhosa futhi sawenzela emngceleni,” kusho uMnu Mkhungo.

Utshele ILANGA ukuthi enye inhloso yakhe enkulu wukuthi kunikwe ithuba abaculi baseSouth Coast, ngokwahlukana kwabo, asebemnkantshubomvu nabasa-khasa.  

“Lo mcimbi sifuna ukuwukhulisa kakhulu ngenhloso yokuthi ngisho amavukane akhule nezimpande zobunye phakathi kwamaciko aKwaZulu nawakwaXhosa,” kusho uMnu Mkhungo. 

Omunye wabaculi abazonandisa, iChwane Lebhaca, uthi lo mcimbi uzokwenza ushintsho 

endabeni yokulingana kwamaciko.

“Siyafisa ukuba amaciko azibone elingana, kungabukelwana phansi, sithandane ngokwezinhlanga,” kusho iChwane Lebhaca. 

Phakathi kwabaculi abazobe beyingxenye yomcimbi, kubalwa uNkunzencane, uNtombiyethongo, uBahubhe, uChwane Lebhaca, uMbuzeni, uPhuzekhemisi, uThwasa Lekhansela, iNyonemhlophe, uVumile, uLagxabha, uKhuzani, iGcokama Elisha, uNtencane, uBuselaphi, Amayellow Bone naMavukayibambe.

 Esangweni kuzongwena ngo-R130 kanti awezicukuthwane u-R400 kanti ukupaka kwezimoto u-R50. 

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuvela okushaqisayo ngokufa kukaMeyiwa
Next articleINkatha “ibeke phambili abavoti” isebenzisana ne-ANC