Okungajwayelekile kunqoba iChiefs

571

Ithole amaphenathi amathathu, owaseBurundi wawaqobela enethini wonke

PHILANI NCALANE
IBUKEKA seyisitholile isixazululo ekugqozeni kwamagoli iKaizer Chiefs exebule iStellenbosch FC ngo-3-1 emdlalweni weDStv Premiership izolo ngeSonto ntambama eDHL Stadium, eCape Town. Amagoli eziMpofana ashaywe nguCaleb Bimenyimana, kanti wonke bekungamaphenathi. UMogamad De Goede weStellies ukhishwe ngekhadi elibomvu ngemuva kokudlalisa kabi ebhokisini uCaleb obesethubeni elihle lokuvalela igoli lesithathu. Kakuvamisile kuleli ukuthi ikilabhu ithole amaphenathi amathathu emdlalweni owodwa futhi wonke abekwe enethini ngumdlali oyedwa ngobuchule.


UTshidiso Maruping waseBloemfontein obephethe lo mdlalo, ukhombise isibindi enika iChiefs amaphenathi amathathu, kanti wonke bekucaca ukuthi bekumele iwathole. Igoli leStellies okuyiyona evakasheleb ipali kuqala, lishaywe nguNhlanhla Mgaga ngesiwombe sokuqala. Leli goli uMgaga uliphiwe nguNjabulo Blom owenze iphutha endaweni ebucayi. IChiefs yehlelwe yishwa kulimala u-Itumeleng Khune ongunozinti wayo ngesiwombe sokuqala. Kuphoqeleke ukuba akhishwe kulo mdlalo indawo yakhe yathathwa nguBrandon Petersen. IChiefs ibinqoba umdlalo wesithathu kulandelana kwiligi. Lokhu kuzokwenza ifike eThekwini ihambela phezulu.


Izodudulana neChippa United ngoMgqibelo ngo-17h30 eMoses Mabhida Stadium. IChiefs izophinda ibuyele eThekwini nangempelasonto elandelayo yomhla ka-23 isizobhekana namaZulu FC emlenzeni wesibili we-semi final yeMTN8. IChiefs kucace zisuka nje ukuthi izimisele ngokubuyela eGauteng namaphuzu amathathu ngendlela ebihlasela ngayo. U-Ashley Du Preez weChiefs uthole uqekelele wethuba umdlalo unomzuzu uqalile, kodwa wadlala ngalo. Lo mgadli ubedlalala yona iStellies ngaphambi kokujoyina iChiefs. UZitha Kwinika, odlala emuva kwiChiefs, ubengekho kulo mdlalo njengoba ebedonsa isigwebo samakhadi.


Naye ubedlala kuyona iStellies ngaphambi kokubuyela eNaturena. UKgaogelo Sekgota ubelokhu eyiphela endlebeni kubadlali basemuva beStellies abebekhombisa ukudideka. IChiefs bekumele kusongwe isiwombe sokuqala ihamba phambili ngenqwaba yamagoli njengoba ibingenisa mawala engxenyeni yeStellies. U-Arthur “10111” Zwane ongumqeqeshi weChiefs, uzwakalise ukujabula ngokunqoba umdlalo wesithathu kulandelana. Uthi kakumkhathazi kakhulu ukuthi ezakhe zivamise ukubuya sezilandela ngemuva emidlalweni. “Ngiyazi abaningi bazokhuluma ngamaphenathi esiwatholile.


“Okuhle wukuthi yithina ebesiphoqa abadlali bezitha ukwenza amaphutha ezindaweni eziyingozi ngendlela ebesi Okungajwayelekile kunqoba iChiefs Ithole amaphenathi amathathu, owaseBurundi wawaqobela enethini wonke hlasela ngayo. “IChiefs yamanje yehluke kakhulu kulena abantu abazitshela ukuthi bayayazi. Inomdlandla wokulwa kuze kube sekugcineni. “Ngidinga iChiefs evalela igoli ngisho nangomzuzu wokugcina. UCaleb ngimkhiphe ngoba ngibona ukuthi angase athole ikhadi ngoba unendluzula, obekuzokwenza eqiwe wumdlalo wethu olandelayo,” kusho uMangethe. USteve Barker ocija iStellies uthi kumethusile ukunikwa kweChiefs indathane yamaphenathi.


“Kangibonanga kahle noma bekumele yini inikwe wona. Kwenye ngibone sengathi ibhola lizishayise lona kumdlali wethu. “Kunzima ukudlala nabantu asebenikwe amaphenathi amathathu, nibe nishoda ngomdlali oyedwa. Bekuvele kuzokuba nzima kakhulu kithina. “Nokho-ke kumele sibhukule ukuze sikwazi ukuvuka sizithathe,” kusho lo mqeqeshi. Imiphumela yeDStv Premiership: Stellenbosch 1, Chiefs 3; Pirates 0, Richards 0; Galaxy 0, Swallows 0; SuperSport 3, Sekhukhune 1.

Previous articleAuto Draft
Next articleUmculi ubabaza ikhono likaZahara