Okungajwayelekile kwembesa oweMpucuzeko

1319

JOHN HLONGWA

KWENZEKE okungajwayekile, owesilisa ehlaba phansi ngedolo ecela uthando etshitshini emcimbini wokwembeswa kukaNkz Nondumiso Ndelu, embeswa ngumhleli weMpucuzeko Masikandi Festival, uMnu Xolani Mcineka, eMgababa, eThekwini ngeSonto. 

UMnu Silo Ngubane, obemi phakathi kwezethameli zomcimbi ngesikhathi kuqhamuka izintombi zivunule, uvele waqoka u-Amahle Mseleku, waguqa wakhuluma nayo. Kube yisikhashana impela exoxa nayo, ilokhu ikhophozela. 

Ngaleso sikhathi abantu besebethe njo, bebabuka. Kuze kwabuya elinye itshitshi layicela le ntokazi, wayeseyayidedela. 

UNgubane utshele ILANGA ukuthi le ntokazi uyithande eqala ukuyibona futhi angakujabulela ukuba nayo impilo yakhe yonke. Ngale kwalokho, bekufinywa ngendololwane kulo mcimbi. 

Uqale ngokuthi imindeni inikane izipho, kwaqedwa lapho kwayiwa esigcawini. 

Izihlobo, abangani, osomabhizinisi, osopolitiki nabaculi bakamaskandi, bebephume ngezinkani ukuyokweseka uMcineka. 

Kwabebekhona kubalwa uSihlalo we-ANC
eThekwini, uNkk Zandile Gumede; uMnu Jomo Sibiya ongumcebisi ehhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, uSuper Zuma ongungqongqoshe wezolimo nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango ongumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uKhuzani Mpungose no-Ali Mgube abangabaculi bakamaskandi, abasakazi boKhozi FM uZimdollar noTshatha. 

UMcineka ubethatha inkosikazi yesibili njengoba eganelwe nguNkk Swelihle Mcineka, uKaMasango. 

Previous articleKubongwe oKlebe ngokuboshwa kwababulali bamaphoyisa
Next articleUbezoya phesheya okutholakale isidumbu sakhe epaki