UKUDILIZWA emsebenzini kuyinto ebuhlungu kodwa okungafanele nangengozi ukuba singahlomisani ngayo njengoba inzikamnotho ilokhu iqhubeka kulesi sikhathi sokuhlasela kobhubhane lweCovid-19 emise lubhojozi umhlaba wonke.
Ukwehla komnotho kuzokwenza ukuba izinkampani eziningi zibone ukudiliza izisebenzi njengesixazululo kule nkinga esibhekene nayo. Ongoti bezomnotho baqagula ukuthi noma isinqo-tshiwe iCovid-19, kodwa umnotho uzobe usekude ukusimama kumbe ukubuyela esimeni esijwayelekile.
Isikhulu esiphezulu eBayport Financial Services, uMnu Alfred Ramosedi, sithi iphutha elikhulu elenziwa ngabantu abadilizwe emsebenzini wukuvele bayeke, bangabe besazikhokha izikweletu zabo ngaphandle kokwazisa laba ababakweletayo ukuthi sebediliziwe.
Uqhube ngokuthi ukuvele uye-ke ukukhokhela isikweletu ngaphandle kokuchaza komkweletayo, kungenisa inzalo yenhlawulo (arrears), kugcine sekungcola igama lakho ngento obungakwazi ukuyilungisa kalula ngokubika isimo esisuke sesikwehlele.
Nazi izinto athi kumele uzilandele uma udilizwa emsebenzini:-
Yazisa obakweletayo:
Batshele ukuthi udiliziwe emsebenzini ngokushesha ikakhulukazi labo abazithathela imali ngqo kwi-account yakho. Babuze ukuthi yiluphi uhlelo ongalwenza ukukhokha imali yabo yize ezinye zezikweletu zisuke zinawo
umshwalense wokuzikhokhela uma kwenzeka udilizwa emsebenzini.
Eminye imishwalensi iyaye ikunike isikhathi esingaba yizinyanga eziwu-6 kuya onyakeni ungakhokhi kodwa bengakwesulile ngakho kuhle ukubafonela uzwe ngabo ukuthi uhlelo lwabo lumi kanjani.
Bheka izikweletu ezinomshwalensi
Ezinye zezikweletu ziba nemi-shwalensi njengesikweletu semoto ne-credit card. Ngakho labo obakweletayo bangafaka isicelo sokuthi umshwalense ubakhokhele uma udilizwa.
Eminye yemihlomulo kulezo zinkampani ithi ingakukhava izi-nyanga eziwu-12 ngaphambi kokuthi uthole umsebenzi omusha.
Ngakho-ke kuhle ukubheka konke lokho ukuze uthathe isinqumo esiphusile. Kweminye imishwalensi ungakwazi ukufaka isicelo kuyona uma
ubuzikhokha kahle izikweletu zakho. Yingakho-ke kubalulekile ukubika inkinga kobakweletayo kusenesikhathi, ungakeqiwa yinyanga ungakhokhile.
Bhalisela i-UIF yakho ngokushesha
Uma kuwukuthi umqashi wakho ubeyikhokha kahle imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) ngesikhathi usasebenza, kumele ufake isicelo sokuthi ukhokhelwe yilesi sikhwama.
Imihlomulo uyithola uma uzofaka isicelo zingakapheli izinyanga eziyisithupha udiliziwe. Le mali ekhokhwa yi-UIF yimali ongeke uthembele kakhulu kuyona njengoba iya ngokuthi ubususebenze isikhathi esingakanani ukhokhela lesi sikhwama (se-UIF).
Imihlomulo yentela
Uma udiliziwe emsebenzini esi-khathini esiningi isamba semali yokudilizwa uyithola injengoba injalo, kakuvamisile ukuthi ubanjelwe intela kuyona. Lokhu okukubeka emathubeni amahle okuthi uthole imali engconywana. Kuleyo mali kuhle ungajahi ukuthenga imoto, nefenisha yasendlini noma-ke yiziphi ezinye izinto ezingenasidingo.
Kumele uyisebenzise ngokuyonga okukhulu ukuze ikuqhube isikhashana, ukwazi ukuphila kuyona ungakawutholi umsebenzi omusha.
Uma ungakwazi, ungavele usebenzise kuphela le mali obekufanele ibanjwe yentela esambeni ositholile.
Isamba leso uphinde usifake esikhwameni sempesheni ukuze imihlomulo yakho ingaphazamiseki uma sewuthatha umhlalaphansi.
Ungazami ukubukwa ngemali yokudilizwa
Ungajahi ukuthenga izinto ezingenasidingo ngemali wenzela ukubukwa. Thenga ukudla kuphela ngoba ngeke ukwazi ukuphila ngaphandle kwakho. Yeka izinto zokuzijabulisa okwesikha-shana.
Uma kade ungumuntu ophila ngokuwasha izingubo elondolo, zama ukuziwashela uzi-ayinele zona. Leyo mali obuyisebenzisa lapho ungakwazi ukufeza ngayo ezinye izidingo.