Okushaqisayo ecaleni lomhlengikazi “owabulala” isisebenzi

167

Wathi uyahlukunyezwa ngoba nakhu engowesifazane

PHUMLANI GAMA

KUVELA okushaqisayo ecaleni lomhlengikazi ongowukudabuka eMtubatuba, osolwa ngokubulala isisebenzi sakhe sasendlini ngoba efuna ukuthola u-R6 million ezinkampanini ezintathu zemi-shwalense ayesikhave kuzona. UNkk Sithembile Xulu (48), washaqwa ngamaphoyisa esemzini wakhe eLenasia, eGoli. 

Ngeledlule ubevele eNkantolo yeMantshi yaseLenasia noMnu Simon Mogale (37) okusolwa ukuthi nguyena owabulala uNkz Busiswa Nxumalo (22) owayemsebenzela. UMogale ungowokudabuka eLimpopo kanti kuvela ukuthi wakhokhelwa u-R9  000 ngokubulala umufi, ekubeni wayeqashwe ngo-R60 000. 

Isidumbu sikaNkz Nxumalo satholwa endaweni okulahlwa kuyona udoti ebude buduze nomunye umuzi kaNkk Xulu oseVooslorus, eGoli. Kuvela ukuthi ngosuku abulawa ngalo, wayeyalelwe ngumqashi wakhe ukuba aye endlini kaMogale, okuyilapho
okusolwa ukuthi wabulawelwa khona. 

Ngeledlule kuvele okushaqisayo, kokuthi uNkk Xulu uphenywa ngokufa komyeni wakhe weminyaka ewu-10, uMnu David Xulu, owadutshulwa wabulawa engena efulethini ayehlala kulona e-Alberton, khona Goli. 

UNkk Xulu nomyeni basebehlala ngokwehlukana futhi besezinhlelweni zokwehlukanisa. Ngaphambi kokuba kube noqhekeko phakathi kwalezi zithandani, kuthiwa umufi wayeseke waphaphama esesibhedlela, kunezinsolo zokuthi udle ukudla okunoshevu. UXulu waseNkandla wayesebenza enkampanini eyakha upende wezindlu. Kubikwa ukuthi uNkk Xulu wahlomula ngemali engaphezulu kuka-R100  000 ayemkhave ngayo. Kuthiwa akazange alubhade emngcwabeni womyeni wakhe. 

UMnu Phila Xulu, ongumfowabo kamufi, uthe; “Siwumndeni besikulindele ukuthi ngolunye usuku kuyofanele aphenywe ngoba kwathi uma sikhuluma naye, wathi siyamhlukumeza ngoba engumuntu wesifazane. “Ukungafiki kwakhe emngcwabeni kwaqinisa izinsolo zokuthi unesandla ekufeni komfowethu. Umfowethu wayengeyena umuntu onezitha – wayeyikholwa. Nasemakhaya wayaziwa ukuthi ungumuntu wesonto. Kubuyisa ithemba ukuboshwa kukaNkk Xulu. Siyasola ukuthi wabulala umfowethu ngoba efuna ukuthola imali yakhe,” kusho uXulu. 

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng, uLt-Colonel Mavela Masondo, uthe ngeke badalule imininingwane eminingi ngalolu daba ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi icala lokubulawa kukaXulu liyaphenywa, futhi kuphenywa owayeyinkosikazi yakhe. 

Previous articleKuvele ukuthi uMama weBhantshi ubengapholisi maseko ukukhipha imali uma sekubulewe abebakhavile
Next articleUngqongqoshe “unswinya” ozakwabo abathanda ubukhazikhazi