‘Okwenza iDowns ibe ngcono kunathi’

572

OweChiefs uthi babulawa nawukuba buthuntu kwabagadli

UMQEQESHI weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uchaza umehluko asewuhlaziyile phakathi kwezakhe neMamelodi Sundowns, aveze ukuthi yiwona owenza amaSandawana acoboshise kwasani. Nokho uthi sekuyalunga nakwiChiefs ezodlala nePMB Utd ngoMgqibelo eMgungundlovu.

SENZO SOKHELA
UDALULA umehluko phakathi kweKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns u-Arthur Zwane (osesithombeni) ololonga iziMpofana. IChiefs izotheleka KwaZulu-Natal kuleli sonto njengoba izobhekana neMaritzburg United koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-20h00 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu. IChiefs iya kulo mdlalo isefomini njengoba isiqala ukucoshacosha amawini. UZwane, okusabhekwe lukhulu kuyena, uveza akubona kuwumehluko phakathi kwezakhe neDowns eziholayo esicongweni se-log. “Siyiqembu lesibili eligini ngokwakha amathuba okushaya amagoli. “ISundowns yiyona ehamba phambili bese kulandela thina.


“Umehluko phakathi kwethu neDowns wukuthi yona iwavalele amathuba angu-80% ewatholile, thina cishe sivalele angu-20% noma angu 30%. “Lokhu kuyizinkomba zokuthi thina sidonsa kanzima kulo mkhakha wokuvalela amagoli, umehluko yilowo,’’ kusho uZwane. Ukhala nangamagoli abangenelayo, uthi iningi lawo angena kungafanele. “Sivuzise inqwaba yamagoli sipha izitha imana evela ezulwini. “Ngihlale ngibatshela abadlali ukuthi kufanele bafunde ngokushesha ngoba kulesi sigaba kayikho intuba yokwenza amaphutha. “Njengomuntu odlalile,
ngiyasiqonda isimo futhi ngiyazwelana nabadlali.


“Ingcindezi iqala nje ngesikhathi uba ngumdlali weChiefs; abalandeli balindela lukhulu kuwena zimpelasonto zonke. “Engingakusho wukuthi abafana benza kahle uma ubheka lapho esiqhamuka khona.’’ Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership ngale mpelasonto imi kanje:
KUSASA NGOLWESIHLANU
EDobsonville Stadium: Swallows
vs Golden Arrows 19h30.
EDanie Craven Stadium:
Stellenbosch vs AmaZulu 19h30.
NGOMGQIBELO
EPeter Mokaba Stadium:
Sekhukhune United vs Chippa
United 15h30.
E-Orlando Stadium: Orlando
Pirates vs SuperSport United
17h45.
EHarry Gwala Stadium:
Maritzburg Utd vs Kaizer Chiefs
20h00.
NGESONTO
EMbombela Stadium: TS Galaxy
vs Richards Bay 15h30.
senzos@ilanganews.co.za

Previous articleAbanqobile
Next article‘Angikaze ngibe nokuthula emoyeni’ – Mkhwebane