Omabhalane basezinkantolo sebethembe amakhosi

444

Abanye kabawutholanga umholo emuva kokugodla amabhuku

TSEPO MOLEFE
SEBEFISA kungenelele amakhosi abawasebenzelayo omabhalane basezinkantolo zamakhosi abakhala ngokubanjwa ngophondo wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, ngenzukazikeyi yomholo wabo kaR1 600 abawufanisa no-“R16” asebenqanyulelwe wona ngenxa yokugweva namabhuku abo okusebenza. Labo mabhalane bathi umkhizo sewuyezwela ejazini, njengoba kukhona abanye babo abangaholile kusukela ngenyanga edlule, kulandela ukugodla amabhuku abo okusebenza, ukuwahambisa emahhovisi omnyango ezifundeni zabo ngoba bengagculisekile ngeqhaza labo kulo mnyango.


ILANGA labika kakhulu ngokukhala komabhalane abazibiza ngeKwaZulu-Natal Traditional Leaders Secretaries, ngokwenzelwa phansi wuMnyango, abathi kawufuni ukucacisa ngeqhaza abalibambile emnyangweni naphezu kokuba nyanga zonke bephoqeleka ukuhambisa kuwona amabhuku abasebenza ngawo. Baze basabisa ngokuwagodla amabhuku okusebenza kwabo ukuze umnyango uzoya kubona uyobachazela ukuthi indima yabo ihamba iphele kuphi. Ngenyanga edlule abanye bomabhalane abagodle amabhuku okusebenza bawuzwe ngendaba umholo wabo wanyanga zonke kaR1 600.

Ukungaholelwa kwabo kwenze bagcwala izitaladi zedolobha laseMgungundlovu, behambise incwadi yohlu lwezikhalo enhlokohhovisi yomnyango eNatalia Building, beyoyinikeza uMnu Thando Tubane oyinhloko yawo lo mnyango. Ekhuluma neLANGA uNkz Nonhlanzeko Dlamini, ongusihlalo weKwaZulu-Natal Traditional Leaders Secretaries, abuye abe ngumabhalane wasenkantolo yesizwe saseSiphahleni, eRichmond uthe ibuhlungu impilo abayiphiliswa wuMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu esifundazweni ohambela kude nabo kodwa ube uwudinga umsebenzi wabo abawenza ezinkantolo zamakhosi.


“Size saphoqeleka ukugodla amabhuku ethu okusebenza ezinkantolo ngoba sizwelana nozakwethu, abavalelwe imali yesibonelelo sezingane abanye kwahoxiswa izicelo zokwakhelwa izindlu zomxhaso ngoba kuthiwa bayizisebenzi zikahulumeni, kuvela ukuthi banamapersal number. “Sizame kaningi ukuxhumana nezikhulu zomnyango ukuze kulungiswe le ndaba yamapersal number, kodwa akekho oze kithina. Le persal number iyasigqilaza ngoba asikwazi kwenza lutho ngalo R1 600 esinikezwa wona sesiwufanisa no R16.


“Sigodle amabhuku ngoba sifuna umnyango usondele kithina, wona wagodla iholo osinikeza lona. Sesi-cela amakhosi esisebenza ezizweni zawo ukuba asilekelele ngoba wona asiqonda kahle isimo sethu namakhaya esiphuma kuwona. Kasikho isisebenzi sikahulumeni esiphila ngoR1 600 lo thina esinikezwa wona, kodwa sibe senza umsebenzi obalulekile womnyango,” usho kanje. Usihlalo weNdlu yobuHoli boMdabu, esifundeni saseMgungundlovu, iNkosi Phumlani Majozi yesizwe saMaqamu, eMkhambathini, uthe uyalwazi lolu daba kodwa lusingethwe yiphini lakhe iNkosi Nozipho Molefe, yesizwe saBatlokoa, eSiminza, eMpendle okuyiyona eyahlangana nomabhalane bamakhosi esifundeni sabo.


INkosi Molefe ivumile ukuthi ikhona imihlangano ababe nayo nomabhalane bamakhosi esifundeni saseMgungundlovu. Ithe udaba lusingethwe yiNdlu yobuholi esifundazweni ngoba luthinta omabhalane bazo zonke izizwe zamakhosi KwaZulu-Natal. Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, KwaZulu-Natal, uNkz Nonala Ndlovu, uthe ithimba labo lezokuxhumana emnyangweni lisazothola ku mqondisi womnyango ngezinhlelo ezikhona zokuhlangabeza omabhalane ngabakhala ngakho.

Previous articleZIPHINDE ZADALA UMONAKALO OMKHULU IZIKHUKHULA KWAZULU-NATAL
Next articleBADIDEKILE NGEMBANGELA YOBULAWE “YISOKA”