MAKHOSI UNDLELENI UMAZULU
KUYIQINISO ukuthi ngokwesiko lesintu, ingane ezalelwe ngaphandle komshado isala komalume, ikhuliswe ugogo kanye nomalume bayo. Yize kunjalo, kunelinye iqiniso lokuthi kuyenzeka ngenxa yezimo ezithize ingane igcine isihambe naye unina yayogana naye.
Ngifisa ukuphawula ngenhlalo yengane yentombazane ehambe nonina wayohlala nayo lapho aganele khona. Angiqale ngokuncoma labo baba abenza umsebenzi omkhulu noncomekayo wokuba nothando lweqiniso ngokunakekela izingane, ikakhulukazi ezamantombazane, okungezamakhosikazi abo. Labo baba ngibathulela isigqoko ngiyathobeka kubo ngoba benza umsebenzi ongelula wokwamukela nokuzinikela ekutheni bakhulise abantwana abangabazali sengathi bazalwa yibona.
Ezinye zalezi zingane zaphikwa ngoyise, ezinye onina bathukwa baxoshwa emakubo ngenxa yokukhulelwa zona lezi zingane, ezinye oyise bashona kanti ezinye zinabo oyise kodwa bakhetha ukuthatha ingxabano ephakathi kwabo nonina bazo base bekhohlwa ukuthi ingane yona iyamdinga ubaba ekukhuleni kwayo. Ngiyalihlonipha kakhulu iqhaza lenu bobaba enilibambe kulabantwana, nibaphe isipho esikhulu sokukhula ekhaya elinabazali bobabili futhi elifudumele. Ningamadoda emadodeni!!!!
Sengizidlulisile izincomo kobaba abaqotho nabadele konke, ngifisa ukuqwashisa bonke omama abagane namantombazane abo lapho engazalwa khona ngabantu besilisa abangebona obaba abaqotho ezinganeni zabo. Kunabantu besilisa abangewona amadoda aqotho nabathi uma bebuka ingane yentombazane abangayizali, bese bebona intombi abangayenza into abayithandayo, bayikhohlise ngezimali nangobucwebe bezwe ize igcine isingumnakwabo kanina oyizalayo.
Olunye uhlobo lwalabantu besilisa bathi bezikhulisa lezi zingane babe benenhloso vele yokuthi bazikhulisela bona ukuthi bazilale uma sezifike kuleso sigaba ababona ukuthi sebekulungele ukulala nazo ngaso kanti abanye abayilindi ngisho nokuthi ikhule, kunalokho bayinukubeza isanuka ubisi.
Ngicabanga ukuthi izigameko ezibezwa izinkundla zokuxhumana nomabonakude sekusifundise ngokwanele ukuthi kumele omama bawavule amehlo, bangathalalisi uma kukhona okusolisayo abangakuboni kahle basheshe basukume bafune usizo ukuze ikusasa lengane lingagcini selilimale kakhulu.
Kunalabomama abathi sebebonile ukuthi kukhona okushaya amanzi ngengane kumbe ingane isibikile ukuthi ‘ubaba’ kukhona angakwenzi ngendlela eqondile kuyo, umama amane amphikele umyeni wakhe kumbe ayithethise ingane athi ikhohlakele ifuna ukumbhidlizela umendo wakhe.
Abanye omama baze benze okuxakile nje bancenge ingane eyisisulu sokuhlukunyezwa ukuthi ingambophisi lowo baba futhi ingatsheli muntu nasemndenini, ngoba ubaba lona uyabondla futhi nale ngane uthembisile ukuthi uzoyikhokhela ezifundweni zayo zamabanga aphakeme. Into ebuhlungu umama angayinaki ukuthi, le ngane iyalimala usuku nosuku emqondweni nasemphefumulweni kanti futhi nekusasa layo liyahliphizeka kanti igaya izibozi ngalo mlisa elokhu ihlezi naye ebe eyihlukumeza. Ngifisa omama bangavumi ngezingane zabo futhi kube yinto abayigada kakhulu ukuthi bahlale bezivikela kulabantu besilisa abanobulwane obungaka. Kulungile lo mlisa usengamane ayeke ukunondla kunokuthi kukhokhelwe ngempilo yengane engasophinde ikwazi ukulungiseka.
Ngifisa ukuxwayisa ngokuthi izilonda zokuhlukumezeka zithatha isikhathi ukuphola, kanti izibazi zazo zona ziyohlala ziyisikhumbuzo sangunaphakade sento yonke eyenzeke empilweni yalowo oyisisulu sokuhlukunyezwa.
Kungcono uyiqale phansi impilo nabantwana bakho, esekulahlile umuntu okuhlukumezayo, ngoba bayohlala bekuhlonipha ngalokho kunokuba ujabulele ukondliwa ngumuntu osekhombisile ukuthi awuyinto yalutho kuye futhi akakuhloniphi nakancane. Sengathi omama abasenkingeni efuze lena bangasukuma benze okuthize ngoba kuningi izingane ezikuthwele, zithi ziyizisulu zokuhlukunyezwa ziphinde zibe yizisulu zokunganakwa ngabazali abancamela ukuhlala ebumnandini zona zibe zithwele ubuhlungu.
Umakhosi uNdleleni umaZulu
Wesigodlo Insika
Uneziqu ze Masters in Education Leadership Management and Policy
Pschology with interest in Child Development and Parenting
Wayengu Thishanhloko eMatatane Secondary School
Umbhali nomeluleki ngesintu namakhaya
Utholakala ku: bonamazulu@gmail.com
Ucingo 076 265 1164