ONESI BAKULELI ETHUBENI LOKUFUDUKELA EGERMANY

188

INTATHELI YELANGA
SEKUQUBUKE imibiko yokuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika usezingxoxweni nezwe iGermany elifuna abahlengikazi kuleli. Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano yabahlengikazi iDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa). Imibiko esabalele iveza ukuthi iGermany idinga abahlengikazi ababalelwa kuhhafu wesigidi (500 000) ezwenikazi i-Afrika, kanti ingxenye yalesi sibalo kubikwa ukuthi izoqhamuka kuleli. ILANGA lizamile ukuxhumana noMnu Sibongiseni Delihlazo, okhulumela iDenosa, ngenhloso yokuthola kabanzi ngale mibiko, kodwa wangatholakala ocingweni. Nokho ucashunwe ezindabeni zeSABC evuma ukuthi bayazi ngalezi zingxoxo, wathi kayikho into okumele ifihlwe ngalolu daba.


Ekhuluma ohlelweni iMorning Live, uthe: “Siyazi ukuthi abahlengikazi esibakhiqiza eNingizimu Afrika kumele basebenzele abantu baseNingizimu Afrika. “Futhi kasinabo abahlengikazi abenele, kunjalo sinabahlengikazi abangasebenzi, ekubeni zikhona izikhala ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.” Uthe isimo esinzima abazithola bekusona wukuthi babanxenxa kanjani abahlengikazi ukuba bahlale kuleli, bangayi kwamanye amazwe ekubeni bengasebenzi. “Ubanxenxa kanjani laba bahlengikazi ukuba bahlale ezweni labo ekubeni beduve emakhaya?” Uqhube wathi nezimo abahlengikazi abasebenza ngaphansi kwazo ezikhungweni zempilo zikahulumeni njengolayini abade nokweswela izinsiza-kusebenza, zibaqeda ugqozi lomsebenzi. Uthe abahlengikazi kumele babheke amathuba angcono kwezinye izindawo uma uhulumeni wehluleka wukubakhokhela futhi nezimo abasebenza ngaphansi kwazo zingekho ezingeni elifanele.

Previous article“Ulanyulelwe uNyazi” obekhala ngomnikelo wezipikha
Next articleKayazi nanyaka ingane esiphenduke isilomo ezinkundleni zokuxhumana