Oqhibukhowe bamaqembu ezepolitiki kababasizi abampofu

    327

    SAKHA ISIZWE: CALLISTUS NKWANYANA

    KUYETHUSA ukubona oqhibukhowe bamaqembu ezepolitiki eNingizimu Afrika. Abanye bazothi yimiphumela yentando yeningi. 

    Okudidayo wukuthi, yintando yeningi kanjani uma idlanzana lizomela iningi? 

    Mhlawumbe kumele sishintshe, sithi yintando yedlanzana. 

    Kuyethusa ukubona abantu bebona ithuba nalapho kukhona ukuhlupheka nobubha, bona bacabange ngokuzicebisa. 

    La maqembu avumbukayo kawaqhamuki nemigomo emisha, kuba nje ngamagama amasha. 

    Uma uhlaziya, uyabona ukuthi abanye kabafuni ukuphathwa ngabantu abathile emaqenjini abakuwona. 

    Kuyamangalisa-ke ngoba kusho ukuthi kabayele imigomo yeqembu, kodwa bayele abantu abathile eqenjini. 

    Abanye besuke kade bedla, kuthi uma kungena omunye umholi, kuvaleke ithuba lokudla. 

    Uma ubhekisisa, amaqembu amadala anemigomo emihle, kodwa abantu okufanele bayifeze, yibona abanenkinga. 

    Ngisho umuntu obumazi ukuthi akanasipiliyoni, kodwa akwazi ukuqoqa abazomvotela, uma eke wangena esikhundleni, uzibona esenolwazi olunzulu
    ngepolitiki. 

    Lokhu kubuyisela izwe emuva ngoba imigomo emihle yalelo qembu – ebizosiza abampofu – kayifezeki, ngenxa yalo muntu. 

    Kuthi uma iqembu selimcela ukuba abuyele eceleni, ancame ukuphuma inxiwa lakhe nalelo dlanzana elalimvotele. 

    Njengoba sibheke okhethweni luka-2024, baningi abazama ukunxenxa amavoti abantu, maningi amavukana. 

    Ngihlale ngizwa abaculi bakamaskandi bekhuluma ngamavukana, ngangingazi ukuthi kanti nangapha emaqenjini ezepolitiki azobakhona. 

    La mavukana ahlupha ngoba abambezela intuthuko ngenxa kagingqigongqo – kusasa yilo, kusasa yilo. 

    Nabezindaba kabazibekile phansi, bafana nomdlali weshumi nambili kwamanye amaqembu. 

    Kukhona ababika kabi ngamaqembu athile ngoba bengawathandi. Ngisho noma angenza kahle kanjani, bahlale bebheka amaphutha. 

    Nabahlaziyi abazimele kabazibekile phansi, bathi bazimele kodwa ubone nje ukuthi bazimelele ndawana thizeni. 

    Umhlaziyi wezepolitiki akufanele imizwa yakhe ibe ngaphezulu kweqiniso. Uma enza njalo, uzehlisa isithunzi. 

    Kunabanye abahlaziyi okuthi uma bevula umlomo, usuyazi ukuthi bazochema neqembu elithile noma kungafanele. 

    Lokhu akusakhi isizwe, kuyasidukisa. 

    Kuyiqiniso ukuthi emazweni afana ne-United States of America (USA), abezindaba bavame ukuphumela obala ngokuthi bacheme nobani. 

    Labo-ke ngiyabaxolela ngoba uthi noma ubalalele, ube nakho ukuthi ekuhlaziyeni kwabo kumele kuvele ukuthi bami kuphi. 

    Baningi abahlaziyi ababukela phansi abalaleli noma abafundi ngendlela abahlaziya ngayo ewubudedengu. 

    Laba bahlaziyi kabazi ukuthi kunabahlaziyi abangaphezu kwabo, abangabalaleli noma abafundi balawo maphepha abo. 

    Kuyiqiniso ukuthi abahlaziyi bangabantu nabo, banemizwa. 

    Oqhibukhowe bamaqembu amele idlanzana kababasizi abantu abampofu, kodwa bayinto yokondla imindeni ethile. 

    Idlanzana lamaqembu akusiwo awentando yeningi, kodwa akhweza idlanzana entandweni yeningi eNingizimu Afrika. 

    * UMnu Callistus Bheki Nkwanyana  uneziqu ze: Masters in Governance and Political Transformation

    Wayengumqondisi: KZN office of the Premier: Community Partnership and Moral  

    Regeneration

    Ungumbhali wencwadi: “Talking to yourself, the journey to self-discovery” 

    Uyatholakala ku: nkwanya-nacb60@gmail.com /0665445466 Ucingo / WhatsApp

    Previous articleImeya iqinisa izakhamizi ngesimo seTheku
    Next articleUmnyango ushaya indesheni kubabhikishi ngomatikuletsheni