Osomatekisi bakhale ngokufunwa “intshontsho” uma kuboshwe izimoto zabo

158

SKHOSIPHI MTHEMBU 

UPHELE ngaphandle kwesixazululo umhlangano obuphakathi kosomatekisi noMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLt-General Nhlanhla Mkhwanazi neziphathimandla zoMnyango wezokuThutha eMayville, eThekwini, ngeSonto. Kulo mhlangano bekuyodingidwa udaba lwezinkinga ezibhekene nosomatekisi, okuwukukhishwa kwezimvume zokusebenza, wukuboshwa nokuthi kutholwe isixazululo. 

NgoLwesihlanu kusuke isixakaxaka eThekwini ngesikhathi amatekisi ahamba amabanga amade evale imigwaqo. Phakathi kwezinto abebekhala ngazo osomatekisi, wudaba lokuboshwa kwezimoto zabo ekubeni befake izicelo zezimvume, kodwa umnyango uthathe eside isikhathi ukuzikhipha. 

NgeSonto babhodle konke kwiziphathimandla ngabakubiza ngokuhlukunyezwa ngamaphoyisa ophiko lukaShanela. 

Okunye ababebekhala ngakho, “yintshontsho” abathi liye lifunwe ngamaphoyisa asuke evimba izimoto, okugcina ngokuthi bakhokhe u-R2 500 ukuze idedelwe. Baveze ukuthi kokunye imoto ihlala isikhathi esingaphezulu kwenyanga ngenxa yokuthi iphoyisa elisuke liyibophile, lisuke lisahlabe ikhefu, okwenza bagcine sebe-khokha imali eningi kwazise ukugcinwa kwemoto emaphoyiseni kudla imali njalo ngosuku. 

 UMkhwanazi uphakamise ukuba kuhlangane abameli bomnyango nabazoqhamuka ohlangothini losomatekisi ukuzama ukubhekisisa indaba yokuthathwa kwezimoto, kunokuba zikhokhiswe ithikithi uma izimvume zingekho. 

Previous articleI-SABC isazosicubungula esokuhlawuliselwa isikhangiso seDA
Next articleAmaqembu mawemukele imiphumela yokhetho yize enganqobanga