Osomatekisi baseNanda bakhe amabhuloho

666

Banxusa abantu ukuba bangavimbi ukuqhubeka komsebenzi

LAWA ngamalungu kasoseshini iPiesang Waterloo Taxi Association nowe-Umhlanga-Durban North-Lalucia Taxi Association emi kwelinye lamabhuloho alivusile emuva kokuba ebelikhona lihambe nezikhukhula.

SKHOSIPHI MTHEMBU
IZIKHUKHULA ezishiye kukhalwa ezindaweni eziningi, ziphoqe ososeshini bamatekisi eNanda ukuba bashaye iphakethe, bakhe amabhuloho amabili awiswe yilezi zimvula ezinamadla. Usoseshini i-Piesang Waterloo Taxi Association, ngokubambisana neUmhlanga-Durban North Lalucia Taxi Association, benze okungajwayelekile ngokwakhela umphakathi amabhuloho amabili, okubadle isizumbulu semali, ukuzama ukulekelela umphakathi wa-seNanda obuvalelekile, kungahambeki emuva kwalezi zikhukhula. Ziningi izindawo ezishayekile KwaZulu-Natal, nengqalasizinda ethintekile, kusukela kune imvula enamandla eshiye kukhalwa ezindaweni eziningi.


Nale ndawo yaseNanda kwa-C Extention, kayisalanga njengoba iwelwe amabhuloho amathathu, okugcine kuphoqa umphakathi ukuba uvaleleke njengoba bese kunzima ukungena nokuphuma kule ndawo. Lokhu akuhlukumezanga umphakathi nje kuphela kodwa nezingane ezifunda ezikoleni ezakhele le ndawo, okuyiNhlanhlayethu Secondary School, eyaziwa ngokuthi yise-No. 7, kanye neSifunimfundo Combined School eNo. 9, nazo bezithintekile njengoba bezingakwazi ukuya esikoleni. ILANGA ngoLwesihlanu libe nengxoxo namalungu alabo soseshini ukuzwa ngalo msebenzi abawenzele umphakathi.


UMnu Nhlanhla Ndlovu, oyilungu, uthi ngesikhathi lina babengazitsheli ukuthi lingadala umonakalo ongaka. Uthi into ebenze basukuma yingoba bazama ukuxhumana nomasipala kodwa kwavela ukuthi ukulinda uhulumeni kuzothatha eside isikhathi. “Lawa mabhuloho awile yiwona asetshenziswa ngumphakathi kakhulu kanti nezimoto zethu zisebenzisa wona ukuthutha umphakathi. “Siyile kwamasipala siyobuza mayelana nokulungiswa kwalawa mabhuloho kodwa satshelwa ukuthi kungathatha isikhathi esingaphezulu kwezinyanga eziyisithupha ukuba kuqalwe indaba yokulungiswa kwawo.


“Sibe sesihlala phansi sahlangana singamalungu alabo soseshini ukubheka ukuthi yini esingayenza ukulungisa lesi Simo ngoba izingane kanye nabantu bebevalelekile, kungahambeki. “Sigcine sivumelana ngokuthi sishaye amaphakethe, siqashe ogandaganda abazosebenza ukuvusa lawa mabhuloho. Siqoqe inhlabathi kanye namatshe, okunye kwakho okuphume khona kulawa mabhuloho. Konke lokhu uma ngingaphosisi kudle imali engaphezulu kuka R140 000 ngoba ibhuloho ngalinye ukulilungisa kusidle imali engango R80 000 uma sibala nokukhokhela ogandanganga kanye namaloli,” kusho yena.

Previous articleINKOMBANKOMBANE KWEYENKOHLAKALO EZULULAND
Next articleKUFIHLWE AMALUNGU AMAHLANU OMNDENI OWODWA ABHUBHA NGEZIKHUKHULA