Osopolitiki bethu ngomafika muva njengephunga lomsuzo

    522

    NGOSIBA LUKAMKHEKHELEZI

    NGABUYA ngiyisilwane sakwamhlolo, uRev Mkhekhelezi! Ngibuya ngendlela ehlukile, ngibuya ngezinto zabelungu, o-online. Nginibingelele kuyiSonto bantwana beNkosi. Kanginandaba-ke nokuthi wena uthi uJesu ungumsindisi, uthi uShembe ungunkulunkulu, uMohammed uyinceku kaNkulunkulu noma uthi uHamilton Qhoshangokwakhe Nala uyinkosi yoMnala – akudokwe eligayelwe mina lelo, inhliziyo idla ekuthandayo. Mina nginimema nonke, ngoba kimi nonke ningabakaNkulunkulu. Sibonge nje kongabonwayo ukuthi sisakwazi nokubingelela kuleli lizwe lezigemegeme. Nakhu kufe abantu emlilweni eGoli, bafika osopolitiki bahhema baze bavuza amathe kuhle kwe-spoiled brat idakwe yingxube ye-cocaine ne-mandrax, benza izethembiso. Sebekhohliwe ukuthi ngo-2019 bathembisa ukwakha isigidi sezindlu e-Alexandra – i-million lonke – kodwa kuze kube yimanje, kasikaze sibone ngisho ibhara lihambise ama-blocks awu-10. 

    ILANGA ngoLwesine libhale ngezingane ezikhokha u-R100 ukuweliswa ngesikebhe oThukela – ngenxa yokungabikhona kwebhuloho – kodwa sinohulumeni othi ukhathalele abantu abampisholo. Sekuyacaca nje ukuthi ngesikhathi bethatha izwe lab’ Zakewu – i-starring saseBhayibhelini – babecabanga ukuthi ukuliphatha, wukudlala umas’gcozi. Ngelinye ilanga siyovuka basitshele ukuthi uJesu usebuyile, bamubonile ewela uMsasandle river laphaya ngakithi KwaDlangezwa, eMpangeni, sibakholwe-ke nathi. Abantu babulawa sengathi kuzokwenziwa idili likaMkhipheni. Lapho-ke uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uBheki Cele, uvele aphenduke i-statistician, asibikele ngezibalo zobugebengu. Okubuhlungu izigilamkhuba zinamalungelo awu-52, izakhamizi ezihlonipha umthetho zinawu-10, ungafunga ukuthi yi-score se-rugby kubhekene Amabhokobhoko neTonga. 

    Mangiphume kweyokufa kwabantu ngoba ingenza nginyukelwe yi-glukhosi. Ngithi mangishayele ihlombe abantu baseNquthu (abasesithombeni), okuthe uma bebona ukuthi osopolitiki babashaya indiva ngokubafakela amanzi, basukuma bazifakela. Ngibone sekuqhamuka sopolitiki thizeni – welinye iqembu eline-bank lezethembiso, iPromises Bank Ltd – eseyonikela ngamapayipi amabili, ngoba esebone abantu bezenzela. Singathini phela, vele osopolitiki bethu ngomafika muva njengephunga lomsuzo, wona oqale uzwe kuthi bhuuuu – besekulandela iphunga. Njengoba kuza ukhetho nje, bazosethembisa ngisho ukusilobolela. Osopolitiki baseMany Cannibals Afrika yile nhlobo okwakunzima ngisho ukudla nayo esikoleni. Umuntu adle u-90% wesikhafthini sakho, kubonakale kini ngokuthi njalo uma ubuya esikoleni, uqoba isinkwa kusale ucezu olulodwa, abazali baze basole ukuthi sewubhema intshokovane. 

    Sengathi sonke kuleli lizwe singafunda kulaba bantu baseNquthu, masifunde ukuzenzela. Masizilimele, sizakhele imizi yethu, sakhe imifelandawonye yokufundisa izingane zethu, hhayi eyamadili ogologo ababizayo – sibone ukuthi le mikhuthuka yosopolitiki iyoyithathaphi indlela yokuqhumuza imali yethu yentela. Uma singazenzela njengabantu baseNquthu, izindawo zethu ziyoba zinhle. Masizibambele ekulweni nobugebengu, noma uBheki Cele angafika nomhelane wakhe sengathi yisigqoko samakhosikazi amaNgisi ngeminyaka yo-1800, ezothi masiyekele izigebengu emaphoyiseni, cha, masingavumi. Angisho phela ukuthi shayani abantu, yakhani izinhlaka ezizoqinisekisa ukuthi izigebengu kazina-dabulaphu.

    Phambili ngokuzenzela Phambili! Uzozwa-ke amavila, azothi uMkhekhelezi udakwe yi-load shedding, usezowabhedela. Hlalani nobuvila benu, ningazenzeli, niyophaphama osopolitiki benu laba enibathanda njengemithi yoKhehlelezi sebelibhubhise baliqeda leli zwe njengoba selivele life uhlangothi nje. 

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    Previous articleLuhlehlile olokugwetshwa kwephoyisa elabulala owe-Uber
    Next articleUhlonishwe ngokwehliswa kwefulegi uMadlala