Othisha bazogonywa nangezimpelasonto

409

Ungqongqoshe unxusa othisha ukuba baphume ngobuningi

UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnu Kwazi Mshengu noNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, obegoma.

MTHOBISI SITHOLE

UNXUSE othisha ukuba bazishaye indiva izinkulumo zabantu abangenalo ulwazi olwanele ngemigomo yeCoronavirus uNgqongqo-she wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mshengu, ngesikha-thi ethula uhlelo lokugonywa kothisha KwaMashu, eThekwini izolo ngoLwesithathu.

 Uhlelo lokugonywa kothisha kulindeleke ukuba luphothulwe mhla ka-8 kuNtulikazi (July). UMnu Mshengu uthe othisha mabayeke ukukholwa yizinto ezikhulunywa “ngomana lapha ngikutshele‚” abazama ukunyundela uhlelo lokugoma ngoba benezi-nhloso zokuphazamisa ukufunda nokufundisa. 

“Othisha mabaphume ngobuni-ngi bajove ukuze silwele uzinzo ezikoleni zethu. Kubalulekile ukuba bajove ngoba bahlangana na-bantu abaningi ngokomsebenzi wabo ekilasini usuku nosuku. 

“Sijabule kakhulu ngokuthi lolu suku seluze lwafika, okuyinto ezo-kwenza ukuba kusebenzeke ngokuthula ezikoleni,” kusho uMnu Mshengu. 

Uveze ukuthi ziwu-70 izindawo okuzogonyelwa kuzona izisebenzi zomnyango KwaZulu-Natal kanti bawu-127 000 abantu okulindeleke ukuba bagonywe. Uthe kusazokwengezwa izikhungo okuzogonyelwa kuzona njengokufisa kwezinyunyana zothisha. 

“Ezinye izinto ezinhle kakhulu wukuthi kulolu daba lokugoma kothisha sikhuluma ngazwilinye nezinyunyana zothisha,” kusho uMnu Mshengu. 

Uthe zikhona izikhungo okuzogonywa kuzona nangezimpelasonto kodwa izikole zisazokwaziswa ngohlelo lwakhona. Ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo, bezikhona izinyunyana zothisha iNatu neSadtu. 

UNobhala weSadtu KwaZulu-Natal, uNkz Nomarashiya Caluza, ubalwa nabagomile izolo. UMnu Mshengu uthe akudingeki ukuba othisha beyobhalisela ukugoma ngoba babhalisiwe kwi-data-base yomnyango. 

Kwezinye izisebenzi zomnyango ezizogoma, kubalwa onogada bezikole, abaphakela abafundi, abahlanza izikole, izikhulu zezemfu-ndo, kodwa akekho ozophoqwa. Phakathi kwezikhungo okuzogonyelwa kuzona: Esifundeni aMajuba; eKennoxton Primary Hall na-seMadadeni Tvet College; eHarry Gwala kuseLittle Flower Secondary, Kokstad Primary, Pholela Spe-cial School naseMzimkhulu Tvet College. 

kwiLembe kugonywa eMbewenhle Primary, Maphumulo Education Centre, eNdwedwe Education Centre, Stanger Secondadry Scho-ol; eKing Cetshwayo kuKwaDlangezwa High School, eKing Dinuzulu Hall, esibhedlela eNkandla, eJohn Ross High School naseMelmoth Community Hall.l 

esifundeni uGu uMzinto Town Hall, Isibanini Hall, Harding Town Hall, Port Shepstone Civic Centre noGu Sport Centre.

eMkhanyakude ngaphansi kweJozini, kuzogonywa eMakhonyeni Hall, eMsiyane Hall naseBhambanana Hall kanti ngaphansi kwa-KwaHlabisa kuzoba sePhumlani Hall kanti KwaMhlabuyalingana kuzoba KwaTembe Tribal Hall. Ngaphansi koMzinyathi kuzoba se-sibhedlela saseDundee, eC.J Hall eMsinga, nasesibhedlela eGreyto-wn kwabaseMvoti. 

Ngaphansi kwesifunda uThukela, kuzoba seSt Chads Hall, eZa-kheni Hall, eLadysmith Town Hall, e-Uitval Community Hall okubalwa neWeenen Hall besekuthi e-Estcourt kube seTown Hall yakhona kanti eKhahlamba kuzoba se-Emmaus esibhedlela neBergville Sports Centre. 

Ngaphansi kweZululand, kuzoba KwaNongoma Multipurpose Centre, ePZ Phakathi Hall naseVungu Hall, eChristian Centre, eDumbe kube ehholo lomphakathi kanti eBaqulusini eCecil Emmet Hall.

Previous articleIzingubo zebhantinti zikhiphe isidumbu
Next articleAbaseBuhleni bayasichitha isinqumo senkantolo