SKHOSIPHI MTHEMBU
UYAVEVA yintukuthelo “ngokucanasa” kothisha ababili baseRietvlei Junior Secondary School, eMzimkhulu umndeni wowesilisa wakule ndawo, okusolwa ukuthi bamshaya ekupheleni kukaMfumfu (October) waze waphuma iso, wagcina eshonile ngoba bemsola ngokuthi wantshontsha i-rice namafutha esikoleni ngayizolo.
UMnu Sboniso Dlamini (29), owashona mhla ka-18 kuLwezi (November), kuthiwa wehlelwa yilo mshophi nje, wabonwa ngunogada wesikole edlula ngasesikoleni ephethe i-rice namafutha, wamjaha ngoba ezitshela ukuthi lokhu kudla ukwebe khona.
UNkk Ntokozo Mthembu onguyisekazi kamufi, uthi okwenza bacasuke kakhulu wukuthi oyedwa wabasolwa wake waya emndenini eyoxolisa kanti nomufi baze bamngcwaba mhla ka-29 kuLwezi kuthulekile ngokuboshwa kwabasolwa.
“Kuthiwa uSboniso wadlula ngasesikoleni ephethe ilayisi namafutha, unogada wesikole wamjaha ngoba ezitshela ukuthi ukwebe khona. Ngokwethuka, walishiya phansi i-rice namafutha wabaleka.
“Kuthiwa ngosuku olulandelayo, unogada wabika esikoleni ngokwenzekile. Abasolwa bangena emotweni bayobheka uSboniso erenki yamatekisi njengoba ayeziphilisa ngokuwasha amatekisi. Bafika bangamthola.
“Emuva kwesikhathi, kuthiwa babuyela khona bamfica ehleli nabangani bakhe. Bamfaka emotweni bahamba naye eside isikhathi. Babuya naye ntambama bamlahla esikhotheni, waze wabonwa ngabantu abamaziyo, bahlaba umkhosi.
“Indlela ayelimele ngayo, iso laliphumele ngaphandle, kungasabonakali nakahle ukuthi nguyena, izimpahla ayezigqokile zazimanzi te. Waphuthunyiswa esibhedlela iRietvlei kodwa ngenxa yokulimala kanzima, wadluliselwa e-Edendale (eMgungundlovu), okuyilapho washonela khona.
“Engakashoni, bake bashayela uyise ucingo becela ukuzohlawula, kodwa wabatshela ukuthi kungcono bafike bazokhuluma nomndeni sewuphelele kanti uzoshona.
“Sisalungiselela umngcwabo, uke wafika omunye wabo ezoxolisa, wathi bekungeyona inhloso yabo okwenzekile. Samcela ukuba asichazele ukuthi kwenzekeni, kodwa wanqaba wathi ngeke akwazi ukuchaza ngoba akekho uzakwabo,” kusho yena.
Uthi umbiko wokuhlolwa kwesidumbu uveze ukuthi walimala ebuchosheni ngesikhathi eshaywa.
Utshele ILANGA ukuthi akekho noyedwa kubasolwa owayenesiqiniseko sokuthi umufi waleba ngempela i-rice namafutha.
Uyise kamufi, uMnu Thembinkosi Dlamini, uthe kubuhlungu kuyena ukubona abantu abasolwa ngokubulala indodana yakhe bezicanasela nje sengathi kakwenzekanga lutho.
“Ngiyile emaphoyiseni ngiyobuza ukuthi kwenzekani, ngatshelwa ukuthi kusalindwe idokodo ukuba libuye eMgungundlovu njengoba washonela khona,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu emuva kokuba owesilisa eshonele esibhedlela kodwa izimo isehlakalo esenzeke ngaphansi kwazo zisaphenywa.
skhom@ilanganews.co.zawww.ilanganews.co.za