MFANAFUTHI NDLOVU
AKALILAHLILE ithemba lokubuyela kwiBetway Premiership uTshepo Liphoko (osesithombeni) owakhuliswa yi-Orlando Pirates, othathwe yiMilford FC egijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC). Lo mdlali – owake wayibamba kwiRoyal AM, uThongathi FC, AmaZulu FC neRichards Bay FC – utshele ILANGA ukuthi usazibona esazokwazi ukukhuza ibuya kwiPremiership kumasizini ezayo, usayolanda amandla kwiMFC. Uthe indlela abanikazi beMilford FC abameshela ngayo, yakhombisa inhlonipho enkulu kuyena ngesikhathi edlala iKhabba Cup.
“Ngizosebenzisa isipiliyoni enginaso ukusiza ikilabhu ifeze izinhloso zayo. Ngiyazi ukuthi abaningi bakholwa wukuthi uma usuwudlale isikhathi eside unobhutshuzwayo usuke usufana nekhehla kanti okumqoka wukujima nokudla ngendlela ehlelekile. Ngikholwa wukuthi sizogila izimanga ngale sizini,” esho.
. Ngesizini edlule ubegijima kwiDurban Pioneers edlala kwiSafa KZN ABC Motsepe League ukugcina umzimba wakhe uqatha.
* Kuzo ezeMFC, uSiphelele “Shaka” Mthembu ugcine ezitholele ikhaya elisha kwiBaroka FC ecijwa nguMorgan Mammila. Lo mdlali wagqama egijima kwiKaizer Chiefs, Pirates, Platinum Stars namaZulu. IVenda FC yona yafaka emabhukwini uDaniel Gorzar, uLufuno Ndou, uThapelo Sekgopela, uSiyabonga Dubula noBrandon Baloyi ukubala nje abambalwa.
mfanafuthin@ilanganews.co.za