NHLANHLA HUDLA
UKAPUTENI wamaBhokobhoko, uSiyamthanda “Siya” Kolisi, uthi ubheke ukuba kulekelele abantu baseNingizimu Afrika ekutheni babuyelwe yithemba lempumelelo empilweni ukuqopha umlando kwaleli qembu liba ngelokuqala ngqa emhlabeni ukunqoba iNdebe yoMhlaba ye-International Rugby Board (IRB) amahlandla amane.
AmaBhokobhoko athele othulini izimbangi zawo ezinkulu, i-All Blacks yaseNew Zealand ngo-12-11 kowamanqamu weNdebe yoMhlaba ngoMgqibelo eFrance.
Womabili la maqembu aye kulo mdlalo esethubeni lokuqukula le nkomishi ihlandla lesine njengoba kuyiwona womabili kuphela abesanqobe lo mqhudelwano amahlandla amathathu ngokwahlukana.
UKolisi the: “Uma sihlangene singanqoba, hhayi nje kwezemidlalo kuphela, ngisho empilweni uqobo.” UKolisi ube ngukaputeni wesibili emlandweni wombhoxo ukuhola iqembu lesizwe livikele indebe yomhlaba. Owokuqala nguRichie McCaw waseNew Zealand owenza lokhu ngo-2011 nango-2015.