OwaseFrance “uvimbe” indlela ka-Erasmus ebheke kwiCity

275

SENZO SOKHELA

KUVELA okubambe ukuba uKermit Erasmus (33) (osesithombeni) – olaxazwe yi-Orlando Pirates -abuyele ekilabhini yakhe yakudala, iCape Town City njengoba kuze kube yimanje engenawo umsebenzi. Ukhululwe yiBucs ngoba ikhala ngokuthi akadlalanga imidlalo etheni ngesizini edlule. Kuvela nokuthi ubengasekho ezinhlelweni zomqeqeshi wamaBhakabhaka, uJose Riveiro nethimba lakhe.

Lo mgadli uzwakalise ukungenami ngempatho ayinikwe yiBucs njengoba ekhala ngokuthi yehlisa umholo abewuthola kwiMamelodi Sundowns ukuze ayijoyine. 

Leli phephandaba lithole ukuthi ukusayina kwalo mdlali kwiCity kuncike ekutheni u-Amadou Soukouna (32) waseFrance, odlala kwiBangkok United yaseThailand, iyalunga yini indaba yakhe yokuthola imvume yokungena eNingizimu Afrika. Kuvela ukuthi lo mdlali oke wagijima kwiMaritzburg United, uvaliwe ukungena kuleli.

Umthombo waleli phephandaba uthe: “UKermit akanakila-bhu kodwa (okuhle) amaphepha akhe akuyena, iCity inga-mthatha ekuseni uma imdinga. Ukusayina kwakhe kulele ekutheni udaba lukaSoukouna luyalunga yini ngoba nguyena le kilabhu efuna ukuvala ngaye isikhala esivuleke kuhamba uKhanyisa Mayo ojoyine iCR Belouizdad yase-Algeria.”

Ebuzwa ngalolu daba uJohn Comitis ongumnikazi weCity, uthe: “Engingakusho nje wukuthi ngikhulumile noKermit, kodwa njengamanje kakukho okuzokwenzeka. “Silinde ukubona ukuthi udaba lomgadli wethu wangaphandle luyalunga yini bese sinquma ngo-Erasmus. Siyamthanda impela ngoba ungumfana wethu, kodwa njengamanje isimo simi kanjalo.”

Previous articleIMpucuzeko ibuyise ithemba kokamaskandi ophila nokukhubazeka
Next articleIsalukazi sishaye indiva abebesinxenxa ukuphonsa ithawula emjwahweni