OwaseKZN usefuna ukuhlela ezomhlaba

797

Uncele ulwazi ehambele e-United Kingdom

PHILANI NCALANE

UTHULANI Magudulela ongumhleli wezimpi zesibhakela eKZN. 

UHLELA ukubuya ngezimpi zomhlaba uThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Boxing Promotion osezakhele igama ngokuhlela izimpi KwaZulu-Natal.

UMagudulela utshele leli phephandaba ukuthi umatasa nezinhlangano zomhlaba ukuze ahlele izimpi ngaphansi kwazo. Uthi yize ezozihlela nezamabhande akuleli kodwa usefuna ukugxila kakhulu kwezomhlaba.

“Ngike ngayisa uSiboniso Gonya e-United Kingdom. Ngihlangane nabantu abaningi esivumelane nabo ngokuhlelwa kwezimpi zomhlaba. Kunezinto ezincane obekumele ngizilungise ukuze sikwazi ukusebenza kahle. Uma nje kuphela le nto yeCovid-19 ngingenisa mawala ezimpini zomhlaba.

“Okunye okubukeka kubambezela wukuthi amabhokisa esiwahlelela izimpi zomhlaba abuye ahambe kulesi sifundazwe. U-Innocent Mantengu bese ngimfake kwi-IBF kodwa waqoma ukuya eGoli bambuyisela ezimpini zakuleli. 

“UMoruti Mthalane ngimtakulile waphatha ibhande le-IBO kodwa walishiya ngoba esefuna ukulanda leli aseliphethe le-IBF.

“Lokhu kuyinkomba esobala yokuthi sesikulungele ukungenisa ezimpini zezinga lomhlaba,” kusho uMagudulela. 

UMagudulela uthi uzoqhubeka nokuyisa izimpi ezindaweni zasemakhaya yize esefuna ukugxila kakhulu kumabhande amakhulu emhlabeni.

Previous articlebafuna kushushiswe isikhulu ‘esidlale injeje’ kwi-sascoc
Next articleKuyehluka ukucelwa kwentombi ebalekile