OwaseNdlunkulu kaZulu uphumela obala ngamfisela esikandunankulu

250

PHUMLANI GAMA

UPHUMELE obala ngokusenhliziyweni yakhe uMntwana waseZibindini, uThulani, mayelana nokuqokwa komuntu ozothatha isikhundla sikandunankulu kaZulu, esavuleka ngokudlula emhlabeni kweNkosi Mangosuthu Buthelezi (osesithombeni). 

UMntwana uThulani owayekhulumela iNdlunkulu kaZulu ngesikhathi seSilo uZwelithjini kaBhekuzulu, uphakamise igama lendodana kaShenge, uNtuthuko Zuzifa Buthelezi. 

Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile naleli phephandaba esigodlweni seSilo uShaka, KwaBulawayo, eDlangubo, eShowe ngoLwesine. 

UMntwana uyingxenye yethimba ebelihlele umcimbi wokudodiswa kwabafana. Bekungokokuqala kunalo mcimbi kulesi sigodlo. Kuphakanyiswe ukuba ubekhona minyaka yonke. 

“Ngilinde isizwe sakwaButhelezi ukuba siphakamise uMntwana uNtuthuko ukuba abe yiNkosi yakwaButhelezi. 

“Lokho kuyobe kuchaza ukuthi useme esitobhini sokuba akhonjwe abe ngundunankulu kaZulu. Phela likhulu kakhulu igalelo loMntwana waKwaPhi-ndangene. Iminyaka ewu-70 esebenzela isiZwe samaZulu, kufanele simhloniphe ngokuthi kungene indodana yakhe. Mina okwami wukuba ngimeseke ngokuphelele uMntwana uNtuthuko. 

“Ngimeseke sinabanye abantwana basendlunkulu. Ngaphandle kukaMntwana uNtuthuko, kangiboni muntu ofanelwe wukungena kulesi sikhundla,” kusho uMntwana uThulani. 

Ubuye waphumela obala ngokungabonakali kwakhe eMkhosini weLembe owawuKwaDukuza ngoMandulo (September). Uthe yena nabanye badinwa wukuthi uhulumeni wawubeka ngosuku olwandulela olujwayelekile, ngoba ufuna ukuwenza owawo. 

Prince Mangosuthu Buthelezi (94), traditional Prime Minister of the Zulu Nation poses for a portrait in Durban, on October 27, 2022 ahead of the ceremony for the handover of the official certificate of recognition for the Zulu King Misizulu by the South African government. – Prince Buthelezi is a South African politician and Zulu tribal leader who founded what became the Inkatha Freedom Party in 1975, and served as South Africa Minister of Home Affairs from 1994 to 2004. (Photo by MARCO LONGARI / AFP) (Photo by MARCO LONGARI/AFP via Getty Images)
Previous articleBabhikishele isikole esinogesi oshokha abafundi
Next articleUkhiphe ingonyuluka owabulala umqashi wakhe nozakwabo