Owe-ANC udedelwe ngebheyili nonogada wakhe

210

JOHN HLONGWA

UDEDELWE ngebheyili ka-R5 000 uMnu Bongumusa Nciki ongunobhala we-ANC esifundeni iTheku, obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla ngoLwesine ngecala lokushayela budedengu nokutholakala nemoto engabhalisiwe. Ubevele nonogada wakhe, uMnu Irvin Khoza, ngamacala afanayo.

UMNU Musa Nciki nonogada wakhe, uMnu Irvin Khoza, abebevele enkantolo namuhla.

Imantshi ibanike ibheyili emuva kwalokho yabayalela ukuba baphinde bavele kule nkantolo mhla ka-10 kuMbasa (April) njengoba kusaqhubeka uphenyo.

Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnu Mlondi Mkhize, uthe bayawuncoma umsebenzi wamaphoyisa uma ebopha izephulamthetho. Nokho ukhale ngokuthi bekungalindelekile ukuthi ‘ngokushaya irobhothi’ nje, umuntu usengaze ayovela enkantolo.

Previous articleBUILDRITE Water Tank Winners
Next articleUshiye ingane wayogonxa utshwala