Owe-ANC usola izimbangi “ngokuvuka” kwecala lenkohlakalo

234

PHUMLANI GAMA

USOLA izimbangi ezingaphakathi eqenjini lakhe ngokumnyundela emuva kokuvuka kwecala elenzeka ngo-2014, uMnu Bethuel Mthethwa (56), (osesithombeni) owayeyimeya yaseJozini ngethikithi le-ANC. UMthethwa uboshwe ngoKlebe ngeledlu-le, wavela eNkantolo yezamaCala ezeMali neNkohlakalo eThekwini. Udedelwe nge-bheyili ka-R10 000. 

Usolwa ngokuba nesandla ecaleni lokukhwabanisa nenkohlakalo, okuvela ukuthi lo masipala wakhokha u-R5 million, ukhokhela inkampani ekubeni ingawenzanga umsebenzi. Leyo nkampani yayinikwe ithenda yohlelo lokuthuthukisa intsha, olwalubizwa ngeJoy Project. 

UMthethwa – owayengusihlalo we-ANC ngaphansi kwesiFunda iNokuhamba Nyawo (uMkhanyakude) – okumanje uyilungu lesiShayamthetho saKwaZulu-Natal, utshele ILANGA ukuthi kuyamkhathaza ukuvuka kwaleli cala goba nakhu sekusondele izinsuku zokudedelwa kohlu lwamagama amalungu aleli qembu azolimela ephalamende. 

“Ngingakuqinisekisa ukuthi ngoLwesihlanu bengivele enkantolo yaseThekwini ngoba kuthiwa ngiyanyaniswa nenkohlakalo. Kuningi okukhulunywayo okungelona iqiniso ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi sami. Kuningi okwenziwa ngabathile abangosopolitiki ngenhloso yokuhudulela phansi igama nesithunzi sami. Okungizwisa ubuhlungu wukuthi kuhlukunyezwa mina, kugcine sekuhlukumezeka nezingane zami okukhona ngisho nezineminyaka eyishumi ezikhonjwa ngezibhamu,” esho. 

UMthethwa uthe wethweswe icala lika-R100 000 afakelwa wona. Uthe ngeke akhulume kabanzi ngodaba olusenkantolo ngoba kuzokonakala uphenyo. Ukuboshwa kwakhe kwandulelwe wukuboshwa kukaMnu Lonwabo Maka (57) owayeyimenenja kulo masipala noMnu Mandlenkosi Matutu (43) ongumnikazi weNjabulo Landman Construction and Mining, okuvela ukuthi yakhokhelwa le mali. 

Icala lenkohlakalo labikwa esiteshini samaphoyisa eJozini, ladluliselwa koKlebe. UMaka noMatutu bangaphandle ngebheyili yemali efanayo nekaMthethwa. Baboshwa ngoMandulo (September) ngo-2022. 

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLt-Colonel Simphiwe Mhlongo, uthe kulindeleke ukuba kuboshwe abanye abathinteka kuleli cala lenkohlakalo ka-R5 million. “Bonke abasolwa bazobuyela enkantolo mhla ka-30 kuNhlaba (May) kophezulu. Bayanyaniswa nenkohlakalo yoku-khokhelwa kwenkampani ingawenzanga umsebenzi. Bangaphandle ngebheyili ka-R10 000 umuntu emunye,” kushouMhlongo.

Previous articleKutholwe igazi embhedeni wonyamalele
Next articleU-Lira ukhuza ibuya emuva kokugula