BONGINKOSI ZONDI
USINDE ngenhlanhla umholi we-Democratic Alliance (DA) KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango, ngesikhathi abalisa abane bezama ukumduna imoto emzini wakhe oseWestville, eThekwini, izolo ngo-Lwesithathu.
Ngokomyalezo awufake kuFacebook, uMnu Mncwango uthi iBMW emhlophe enezinombolo ezikhomba eThekwini, ngeshwa angakwazanga ukuziloba – ingene ngesango lomuzi wakhe eqeda nje ukupaka eyakhe, kwakuphuma kuyona amadoda amane aqonda kuyena engasadle nkobe zamuntu, ehlome ngezibhamu.
Uthi uphuthume isiqhebezabuqama (remote) ukuze akhalise i-alarm.
“Hleze bacabange ukuthi ngikhipha isibhamu base behlehla. Sengiphephile, kodwa nxa lezi zinto zenzeka, kusa ngokunye uma usubona ukuthi ucishe wafa. Engikwenzile bekuyingozi kodwa kusizile‚” kusho yena.
Uthe ujwayele ukuqaphelisisa nxa engena kwakhe, kodwa kulokhu ubematasa ehlela kahle izimbozabuso ezizonikwa abantu ukuzivikela kusomqhele (Corona-virus) obhokile futhi ekhuluma ocingweni, okwenze wangabona ukuthi isango kalivalekile.
Uveze ukuthi akekho odubulile kanti lokhu kumehlele eyedwa kwakhe.
UNks Philisiwe Memela, okwezokuxhumana kwiDA KwaZulu-Natal, ethintwa yi
LANGA ngalolu daba – kwazise imizamo yokuthola uMnu Mncwango iphelele eboyeni okwezithukuthuku zenja njengoba ebengatholakali ocingweni lwakhe – uthe kungenzeka ukuba usethukile, kodwa akanamyocu futhi akukho lusizo lokwelashwa alutholayo.
Uqhubeke wathi akukho nhlese yezepolitiki esolekayo ngalokhu.
bonginkosi@ilanganews.co.za