Owe-gospel uthembisa lukhulu ngomzungezo weqembu lakhe

157

LUCKY CAIN

USEQALILE ukubona izithelo zombono wokusungula iqembu, iSpirit Of Praise, umakadebona womculo we-gospel, uBenjamin Dube (osesithombeni), emuva kwesasasa ngomzungezo waleli qembu ozoqala eNkosi ALbert Luthuli International Convention Centre, eThekwini mhla ka-7 Mandulo (September).

Leli qembu kulindeleke ukuba liqale umzungezo walo we-albhamu yeVol 10 waseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe angomakhelwane. Uzoqala ngaphambi kokuba kuphume i-albhamuyaleli qembu eqoshwe ngoNhlaba (May) nonyaka elindeleke ngomhla ka-6 kuwona uMandulo. 

Ekhuluma ngokukhethekile neLANGA uDube, uthe useqalile ukuvuna izithelo zempumelelo yaleli qembu nakuba lingakafinyeleli lapho efisa khona. “Kusithathe isikhathi ukuze sizithole ukuthi sifuna ukuzwakala kanjani. Okuhle manje wukuthi sesikwazile ukukwenza lokho,” kusho uDube. 

Uqale leli qembu nabaculi ababe ngaphansi kweSpirit Music, okuyinkampani ekhiqiza abaculi be-gospel. Ngokuhamba kwesikhathi, leli qembu limeme nabanye abaculi abazimele. UDube uthe ukumema abaculi abazimele, bekuyindlela yokubumba abaculi be-gospel nokuthi bathole ithuba lokuziqhakambisa nakwabanye abalandeli. 

Ngaphandle kwabaculi abadumile, leli qembu likwazile nokukhiqiza abaculi abasha abebengaziwa. Phakathi kwalaba baculi kubalwa uXolly Mncwango, uMpumi Mtsweni, uMatema, uNeyi Zimu ongasekho emhlabeni no-Omega. 

Uchaze umcimbi wangomhla ka-7 njengozomangalisa abantu. “Uma abantu becabanga ukuthi bayayazi iSpirit of Praise, bazobhema bakholwe kulokhu, siza nezingoma ezintsha ezizobashiya bebusisekile,” esho.  

Uthi uzobe ehambisana nabaculi okubalwa kubo uDumi Mkokstad, uThinah Zungu nendodana yakhe uNdumiso, u-Omega, uCanaan Nyathi, uSindi Ntombela noMatema. Unxuse abantu ukuba basheshe bawathenge amathikithi, aqala ku-R350 eComputickets. 

lucky.cain@ilanganews.co.za 

Previous articleOweChiefs uveza okubachaze ngoSirino
Next articleInkosi yenze okungajwayelekile abazali “begoloza” ukulekelela ekulungisweni kwesikole