owe-kings uyithela ngabandayo eyokwehliselwa amaholo

453

MFANAFUTHI NDLOVU

BAYITHELA ngamanzi abandayo abadlali beReal Kings eyokwehliselwa imiholo kule kilabhu egijima kwiGladAfrica Championship.

ILANGA lithole ukuthi abadlali beKings bagawulelwe imiholo ngo-60% njengoba kuphele inyanga. Kuvele nokuthi abadlali bale kilabhu bashaya amakhala ngalokhu.

Nokho uMphakamiseni Nene odlala esiswini kwiKings, utshele ILANGA ukuthi kungamampunge ukuthi kabaneme ezeseka ngokuthi abaphathi bahlala nabo phansi lwaxoxwa lolu daba emuva kokuba kuvalwe ukusebenza kwezinto eziningi kuleli ngenxa yokubheduka kweCovid-19 ebhilite umhlaba wonke. 

Uthi basamukela isinqumo ngoba bayazi ukuthi le kilabhu ibaphethe ngokweqophelo eliphezulu. Uthi banesiqiniseko sokuthi uma sekudlule yonke le nto, isimo sizobuyela kwesejwayelekile ekilabhini.

“Ixoxiwe le ndaba yokwehliswa kwamaholo ngenxa yokubuka isimo esibhekene naso. Ngikholwa wukuthi kubadlali kakuzange kube yisimo esiyinkinga kangako. 

“Phela ngesikhathi kuqala isizini besingenakilabhu kodwa uShauwn Mkhize ongomunye wabaxhasi bale kilabhu wakwazi ukusiholela izinyanga ezintathu. Pho yini engadala ukuthi sibe nenkinga ngalesi sikhathi?

Nokaputeni wethu uPhilani Cele sike sayixoxa le ndaba akaze ayiveza eyokuthi kukhona abanenkinga,” kusho uNene.

Uqhube ngokuthi okwamanje bazigcina beqatha ngokuzivocavoca ngabodwana kwazise izwe lisavaliwe.

US’thembiso Hlongwane ongumxhumanisi weKings, uthe sebelinde isinqumo esizothathwa yiPSL ngokuzokwenzeka ngemi-dlalo yeligi emuva kokuba isihlangane nazo zonke izinhlaka ezithintekayo.

Imizamo yokuthola uBongani Ngidi onguSihlalo weKings iphu-nzile kwazise ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa. 

Udaba lokwehliswa kwemiholo kalwenzeki kwiKings kuphela njengoba kungesifanayo nakwi-Cape Umoya United, AmaZulu FC, iTS Galaxy neHighlands Park. 

UThongathi FC lubaholele imali ephelele abadlali balo.

Previous articleUzulelwa ngamanqe owe-chiefs
Next articleisilomo sase-brazil sichitha eyokujoyina i-juventus yase-italy