MFANAFUTHI NDLOVU
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX
UBALISA ngokufika ngesikhathi esingesihle kwiKaizer Chiefs uKeagan Buchanan (29) osegijima esiswini kwiMaritzburg United abukeka ezelwe kabusha kuyona.
Lo mdlali odabuka eCape Town, ujoyine iTeam of Choice emuva kokuchithwa yiChiefs maphakathi no-2018.
Utshele ILANGA ukuthi akahlulekanga kwiChiefs, kodwa wafika ngesikhathi esibi, waphinda wakhinyabezwa nawukulimala okwamphuthisela ngejezi. Uthi ngendlela akhule eyithanda ngayo iChiefs, waphuka umoya imchitha kwazise wayezitshela ukuthi uzokwenza ezibukwayo kuyona.
“Kusenzima ukwamukela okwangehlela kwiChiefs. Nokho kumqoka ukudlulisa konke, ngibhekane nekusasa njengoba sengisebenza kwiTeam of Choice.
“Ngiyayibonga ngokunginika elinye ithuba lokudlala ibhola okuyinto engiyithandayo. Nokho ngifuna ukugcizelela ukuthi kangizange ngehluleke kwiChiefs, ngafika ngesikhathi esingesihle kodwa-ke impilo kumele iqhubekele phambili.
“Ngiyohlale ngiyithanda kodwa umsebenzi omqoka manje yiMaritzburg,” kusho uBuchanan.
Uthi uzibona ezelwe kabusha kwiTeam of Choice kwazise isikimu selokhu efikile uyasithola okumjabulisa kakhulu. Ubonga izikhulu zekilabhu no-Eric Tinkler ngokukholelwa kuyena. Uthi unethemba lokuthi indaba yenkontileka yakhe entsha izobhungwa uma sekudlule iCovid-19.
Uthi okuhle wukuthi inkontileka yakhe inombandela wokwelulwa okwenza angabi nalo kakhulu ixhala ngekusasa.
Uthi okumqoka wukujima kakhulu ukuze abeqatha ngokwanele uma sekuvulwa amasango emidlalo.
“UTinkler ufana nobaba kithina kwazise izinto uzisho ngqo futhi usinika inkululeko enkundleni okwenza kube lula kakhulu kuwona wonke umdlali okhona ekilabhini. Ngiyafisa ukuthi uNkulunkulu anginike amandla ngikwazi ukuba wusizo sifeze nephupho lekilabhu lokuqeda kwi-top 8,” kusho lo mdlali.
FUNDA kabanzi ngempilo yangasese kaBuchanan engosini iNgaphandle kweNkundla kwiLANGA LangeSonto. Ungaphuthelwa!