Owe-Soul Brothers udalule okwenzeka kuqoshwa ‘Istimela saseZola’

223

LINDA XIMBA

INGWAZI yomculo wombhaqanga uMoses “Black Mosse” Ngwenya iveza ukuthi inoni lengoma kaMbongeni Ngema elithi, Stimela saseZola laqanjwa kanjani.

Ebhonga emswanini uNgwenya weSoul Brothers, ukhumbule ngesikhathi behlangana okokuqala noNgema estudiyo sabo eSoweto ngo-1985. Uthe le nkakha, ebidume ngokubhala imidlalo yeshashalazi nezingoma ezithinta ukulwa nobandlululo, yaqala yahlangana noZakes Mchunu, owayengomunye wabasunguli beSoul Brothers, bangqumuza indaba yokuthi ifuna basebenzisane yize ngaleso sikhathi yayingakaze ikhiphe i-albhamu.

“Ibuhlungu indaba kaMadlokovu njengoba eshone engozini yemoto eLusikisiki, e-Eastern Cape. Ngesikhathi sesizoqala ukusebenza naye estudiyo, wathi mangidlale kancane i-organ kukhona into afuna ukuyizwa. Wahlabeka umxhwele yindlela engangiyixavatha ngakhona i-organ wavele wagibela phezu kwengoma kwahlangana unqambothi.”

“Eqinisweni le ngoma yaqambeka sakuncokola kanti izogcina isishisa izikhotha. Ngemuva kwalapho bekuthi uma siyonandisa kuleli nangaphandle sihambe naye uMadlokovu sifike sibashiye bekhathele (ukushiya izihlwele zithakasile zifuna nempinda),” kusho uNgwenya.

Uqhube wathi kwaba yisibusiso ukusebenzisana noNgema njengoba kwakuyi-albhamu yokuqala ngaphansi kwenkampani yabo yokuqopha, iSoul Brothers Records, yabadlondlobalisa kakhulu kunakuqala. Yize sekuphele iminyaka ewu-39 iStimela saseZola saqoshwa kodwa namanje sisayishukumisa inkundla emicimbini efana nemishado nasemajoyintini imbala.

UNgwenya uthe bagqemeke engeqiwa ntwala ngokudlula emhlabeni ngokuzuma kukaNgema.
Amanye amaciko ayekhona kuqoshwa iStimela saseZola kungabalwa umlingisi wemidlalo yasesiteji nomabonakude uThembi Mtshali-Jones, uStella Khumalo noMandisa Dlanga. Basuka lapho ikhono labo lapikwa yiqembu iStimela, uYvonne ChakaChaka, uJohnny Clegg, uMirriam “Mama Afrika” Makeba, uCaiphus Semenya, uLetta Mbulu noRingo namanye amaciko.

INGWAZI yomculo wombhaqanga uMoses Ngwenya.
Previous articleUkhala ngokuvalelwa ngaphandle umndeni kaMbongeni Ngema
Next articleAbaseBuhleni bakufanisa nephasika ukunyukela entabeni