OweBafana nendesheni kodokotela beDowns ngabadlali bayo

252

MFANAFUTHI NDLOVU

UPHUMELA obala ngengozi enyonyobela iBafana Bafana yokulahlekelwa wumgogodla wayo uHugo Broos ongumqeqeshi waleli qembu elizobhekana neNigeria kowokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa namuhla ngo-21h00 ekuhambeni, eNigeria. UBroos uzwakalise ukukhathazeka ngendlela abadlali beMamelodi Sundowns abalimala ngayo, wathi kwenza abe nokwesaba njengoba besahlalelwe yimidlalo ebucayi kusuka ngoMandulo (September), uMfumfu (October) nangoLwezi (November). 

Ucele odokotela beDowns ukuba bayisukumele le ndaba ngoba uyibona izokuba yinkinga enkulu eqenjini lakhe njengoba enabadlali beDowns ababalelwa ku-6 abasebenzisayo. “Nakuba lesi simo singesibi kakhulu okwamanje kepha uma isikhathi siqhubeka kungashintshi lutho, ngibona sizokuba nenkinga. Ngiphoqelekile ukudedela uGrant Kekana ngafaka uGiven Msimango oyisitobha seKaizer Chiefs endaweni yakhe. UKhuliso Mudau, uTebogo Mokoena, uBathusi Aubaas noRonwen Williams bafike benokuthinteka. Ngicabanga ukuthi inkinga enkulu ebhekene nabadlali beDowns wukuthi bagijime imidlalo eminingi esondelene, okwenza imizimba yabo ithwale kanzima ukumelana nesimo sempilo. Umqoka oweNigeria ngoba siyobhekana nezwe elinzima, elihlale lisishikilisa,” esho.

IBafana ilifulathele elakuleli ngoLwesithathu ukuya eNigeria. Emdlalweni olandelayo wokuhlunga, izobhekana neZimbabwe ngoLwesibili ngo-18h00 eFree State Stadium, eBloemfontein. Amathikithi alo mdlalo abiza uR50. IBafana ihleli endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu amathathu emidlalweni emibili, ilandelwa yiNigeria enamabili endaweni yesithathu. 

Esicongweni kuhleli iRwanda  ngamaphuzu amane. 

Previous articleAngena elakanyana amazwi enduduzo kushona ababeyizimeya KwaZulu-Natal
Next articleINdodana yoMuntu isisemnyango, ilande abayo