OweBafana nesilonda sokuya phesheya

667

Ulubalubela ukunqoba iligi neSuperSport United

SENZO SOKHELA 

NGURONWEN Williams ongunozinti weSuperSport United osenethemba lokuyodlala phesheya kwezilwandle.

UVEZA okumuzwisa ubuhlungu umdlali weqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana neSuperSport United. 

ISuperSport imemezele ngeledlule uRonwen Williams (28) ongunozinti njengokaputeni wayo omusha. Ungena endaweni ka-Dean Furman obuyela e-England. 

UFurman uthe ufuna ukuba seduze nomkakhe okhulelwe okulindeleke ukuba abelethe noma yinini. 

UWilliams ekhuluma naleli phephandaba, uveze into emuzwisa ubuhlungu njengoba eya ngokukhula ebholeni. 

“Okokuqala ngiyabonga kakhulu kwiSuperSport ngokunginika ithuba lokuba ngibe ngukaputeni wale kilabhu enkulu kangaka. 

“Nakuba bengingakulindele okwenzekile kodwa kufezeke iphupho leminyaka ngoba ngifika kule kilabhu ngo-2005 ngijoyina isikhungo sayo esithuthukisa ibhola bekuyisifiso sami ukuthi ngiyihole ngelinye ilanga. 

“Kodwa-ke ngeke ngikufihle ukuthi ingizwisa ubuhlungu eyokuthi selokhu nginyuselwe esikimini esikhulu ngesizini ka-2010/2011 angikaze ngisinqobe isicoco seligi. Sengizinqobile izinkomishi eziningi kuleli, yiligi nje engingakayitholi. 

“Kodwa mhlawumbe bekufanele ngiqale ngibe ngukaputeni kuqala ukuze iqukulwe yimina. Njengoba sengiphethe ibhande nje, ngizobafuqa ozakwethu ukuba siyilwele iligi,’’ kusho uWilliams. 

Limubuza leli phephandaba ukuthi ngabe akakufisi yini ukujoyina elinye lamakilabhu amakhulu akuleli uthe:  “Ngisengumfanyana bengingumlandeli wokuqina weKaizer Chiefs, ngifisa ngelinye ilanga ukuzibona ngidlala kwiSoweto Derby ngiyivimbele.  

“Kodwa emuva kokuba ngijoyine iSuperSport iphele yonke leyo nto igazi lami liluhlaza manje. Ngiyafisa ukuthi amagilavu ami ngiwabeke ethala ngivimbela yona. 

“Le kilabhu ingiphethe ngokweqophelo eliphezulu angiziboni ngidlalela enye kwiPremiership,” kusho uWilliams. 

Mayelana nephupho lokuyodlala e-Europe uthe: “Ngingakujabulela kakhulu ukuyodlala khona akukhathalekile ukuthi yikuyiphi iligi. UDarren Keet ovimba eBelgium nomqeqeshi wami u-Andre Arendse naye ovimbile phesheya bayangigqugquzela, bangenza ngikulangazelele ukuya e-Europe. 

“Kodwa-ke ngeke ngikubalekele ukuthi iminyaka yami yobudala ingu-28, amathuba asemancane. Ukube mhlawumbe eminyakeni emihlanu eyedlule bengidlala njalo kwiBafana Bafana ngabe kumanje ngidlala khona. 

“Kodwa-ke anginankinga uma kwenzeka kuyokwenzeka, uma kungenzeki ngizoqhubeka nokudlala lana kwiSuperSport ngize ngibeke amagilavu ami ethala,’’ kusho uWilliams.    

senzos@ilanganews.co.za

Previous articleUbefuna ukuba ngusomabhizinisi uBobo
Next articleUkhuthaza abesifazane ukuba banganciki kubantu besilisa