“Owebe imoto kayise” ushone nabangani (2) engozini

1407

NONHLAKANIPHO SHINGA

UHLENGEZELA izinyembezi uma ekhuluma ngakubone kwenzeka phambi kwakhe umfundi waKwaNoju High, eNhlophenkulu, KwaNongoma, osinde engozini yemoto ebulale abathathu abehamba nabo kuyiwa ebholeni ngeSonto. 

UKwandokuhle Mpanza, usinde engozini yemoto ebishayelwa nguLaziwe Magwaza (22), oshone noKwenzakwenkosi Gwala (22) noSiyabonga Ntuli (20), abebengabangani. 

Ngokusho kukaKwandokuhle, yena noninalume, uKwenzakwenkosi noSiyabonga, bebepikwe ukuyodlala owamanqamu KwaMajomela. Uthi bavuke balungiselela, bayolinda imoto obekumele ibalande, kodwa yagcina ingafikanga.

“Sibe sesiyozihlalela ekhaya. Kuthe sisahleli, kwafika omunye wasendaweni othe masiyeni edolobheni. Sibuye edolobheni wasehlisa esitobhini, kwase kuqhamuka uLaziwe ehamba nge-Avanza yakubo, wathi uzosihambisa lapho bekudlalwa khona.

“Ngoba bese sishaywe yisikhathi, sinqabile, kodwa uSiyabonga wathi ucela sihambe ngoba kuseduze nakubo lapho kudlalwa khona, uzokwazi ukusale esedlula kubo athathe imali nokudla ngoba ubehlala emqashweni,” kusho yena.

Kuthiwa sebesendleleni, uLaziwe ungene endaweni edayisa utshwala, wathenga okokuphuza.

“Uthe masiphuze, kwasho ukuthi yena ubevele esedakiwe. Kuqale ukungaboni ngaso linye emotweni esegijima kakhulu, okuthe uma simkhuza wavele wagijima kakhulu kunakuqala,” kusho yena.

“Amazwi akhe okugcina, uthe iyamehlula, akasazi ukuthi enzenjani, kwabe sekwenzeka ingozi,” kusho uKwandokuhle.

UKwenzakwenkosi obenza uGrade 12, ushonele khona lapho naye umshayeli, kwathi uSiyabonga washonela esibhedlela. 

Uyise kaKwenzekwenkosi, uMnu Penuel Gwala, ubengakwazi nokuchaza ngento afike wayibona endaweni yesigameko.

“Namanje ngisazibuza ukuthi kwenzekeni emotweni, ngoba bekusobala ngendlela eyisimanga. 

“Ngifike indodana yami seyimbozwe ngengubo, ishonile nomshayeli evaleleke ngaphakathi. 

“Abanye ababili bebekhala kakhulu, besezinhlungwini kodwa kungabonakali ukuthi izingozi zikuphi, kodwa bebebomvu yigazi,” kusho yena. 

Uthi uKwenzakwenkosi bekuwukuphela kwengane yomfana abenayo futhi enokuningi abekubheke kuye.

“Bekumele ngabe uyabhala nje kuleli sonto. bese ngizimisele ngokuxoxa naye ngafuna ukukwenza uma eqeda isikole,” kusho yena. 

Leli phephandaba lihabule ukuthi uyise womshayeli uyile emindenini eyoyikhalisa, wathi indodana yakhe ibiyintshontshile imoto.

USiyabonga wasesigodini uFefe, naye ubenza uGrade 12.

Ababili abebekule ngozi – nabo abafunda kulesi sikole – bangeniswe esibhedlela iBenedictine, khona KwaNongoma.

Okhulumela amaphoyisa, uConst Thenjiwe Ngcobo, uthe kuyaphenywa ngokwenzeka kwale ngozi.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleUmbhishobhi akayikholwa eyofata “abazalisile”
Next articleEzimnandi kubathandi bomdlalo uShaka Ilembe