SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJose Riveiro, uthi akayifakile ekhanda eyokuthi ezakhe zibhinjelwa yizinto kulezi zinsuku, okumqoka kuyena njengamanje wukuvikela isicoco seMTN8.
IBucs izobhekana neMamelodi Sundowns kowamanqamu weMTN8 kusasa ngo-18h00 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Iya kulo mdlalo nje, kayinikwa lutho njengoba ishaya udaka kulezi zinsuku. Emidlalweni emine edlule, idonse kanzima ukuthola imiphumela egculisayo.
URiveiro uthi imiphumela edlule yinto engathi shu kuyena, njengamanje okumqoka wukuvikela iMTN8.
“Umfutho wami wonke ngiwubhekise kulo mdlalo wamanqamu neSundowns, kangifuni ukulokhu ngicabanga ngezinto ezedlule.
“Okwenzekile ngeke sisakushintsha, esingakwenza wukuthi senze kangcono kulo mdlalo esiya kuwona, sifike sizilungiselele kahle ngoba sifuna ukuqhubeka nokuba yizingqwele,” kusho uRiveiro.
Nokho uthe bafundile emaphutheni abawenzile.
“Kasifuni ukuzithola sesivaleleke ekhoneni futhi sikhala. Sibheke ikusasa manje, sinethuba lokunqoba owamanqamu ekubeni besikade sibhekene nesikhathi esinzima.
“Sizozama ngawo wonke amandla ukuyilwela le nkomishi. Ngeke kube wumdlalo olula ngoba sonke siyabona ukuthi iSundowns isefomini, kodwa ngomunye umdlalo lona, nathi esiwufunayo,” kusho uRiveiro.
Abadlali okubhekwe banqobele iBucs lo mdlalo nguMonnapule Saleng, uNdabayithethwa Ndlondlo noZakhele Lepasa ongumgadli oyiqale kahle isizini kanti iDowns igabe ngoPeter Shalulile ongalibheki ipali noThemba “Mshishi” Zwane ofana nenhliziyo kule kilabhu.
senzos@ilanganews.co.za