UZinnbauer akayijabuleli eyokulahla amathuba
SENZO SOKHELA
UJOSEF Zinnbauer ongumqeqeshi we-Orlando Pirates evutha ingabaselwe kulezi zinsuku uphawula ngesicoco seligi okubukeka isondela kusona.
IPirates iguqise iChippa United ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eNelson Mandela Bay Stadium, ePort Elizabeth. Amagoli okunqobe ngawo iBucs avalelwe enethini nguGabadinho Mhango obekukhona kuwo nephenathi, kwathi eleChippa lashaywa ngu-Augustine Kwen.
Lo mphumela uthathe iPirates wayibeka endaweni yesibili kwi-log. Isishiywa ngamaphuzu awu-9 yiKaizer Chiefs esesicongweni.
UZinnbauer ololonga iBucs ephawula ngesicoco seligi, uthe: “Okwamanje eyesicoco seligi kasiyifakile ekhanda. Into emqoka wukunqoba imidlalo yethu ezayo okunye kuyozenzakalela. Empeleni sizobona ngokuphela kwesizini ukuthi amaphuzu esiwatholayo asibeka kuphi.”
Lo mqeqeshi odabuka eGermany uzwakalise ukungenami ngezinto ezithile ezenziwe ngabadlali bakhe kulo mdlalo weChippa.
“Kulo mdlalo sakhe inqwaba yamathuba kodwa sazovalela amabili nje kuphela okungazange kube kuhle.
“Bekufanele sishaye inqwaba yamagoli kodwa sawayeka. Le nto izosilimaza ngelinye ilanga. Kodwa-ke ngijabule ngamaphuzu amathathu esiwatholile,” kusho yena.
UNorman Mapeza ololonga iChippa, uthi bekungafanele bangatholi lutho kulo mdlalo.
“Lo mdlalo sihlulwe kuwona ngesiwombe sokuqala. Sivume ukuthi basiphuthume bashaye amagoli ngokushesha.
“Besikhulumile ngale nto kodwa sangakwazi ukubanqanda. Nokho bekungafanele sihlulwe kulo mdlalo kwazise ngesiwombe sesibili bese bekhathele sibangenela kodwa sangaba nayo inhlanhla yegoli.
“Bekufanele okungenani sithole iphuzu kulo mdlalo uma ubheka indlela ebesibabhudubeza ngayo.
“Kodwa-ke kakusenani kuzofanele siyolungisa amaphutha esiwenzile kulo mdlalo,” kusho uMapeza.