UZinnbauer uthi iziMpofana zisebenzise ubugwala zisekhaya
SENZO SOKHELA
UMQEQESHI we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer ugxeka uhlobo lwebhola oludlaliswe nguGavin Hunt ongumlolongi weKaizer Chiefs enqobe ngo-1-0 kowomkhaya weDStv Premiership ngeSonto ntambama eFNB Stadium, eSoweto.
USamir Nurkovic ushaye igoli elinqobise iziMpofana kulo mdlalo obubhekwe ngabaningi ngabomvu njengoba bekungoka-100 la makilabhu eshukana kwiligi.
Emuva kwalo mdlalo uZinnbauer ugxeke ibhola elidlaliswe nguHunt kulo mdlalo, alibize njengelobugwala.
“Siyinqobile phambilini imidlalo emithathu ilandelana sibhekene nabo, abalandeli bethu bajabula. Nokho uma uzoba nomdlalo ongemuhle ngalolo suku, nenhlanhla kayibi khona. Kangazi ukuthi bathole amathuba angakanani kodwa kakusiyo into ejwayelekile ukuthi udlale ibhola lobugwala ekubeni udlalela ekhaya.
“Mina ngiyaxolisa, ngeke ngikwenze lokho ukuthi ngingumqeqeshi, ngidlalela ekhaya bese ngizodlala ngale ndlela (yobugwala). Kodwa-ke indlela abadlale ngayo ibasebenzele bona ngoba banqobile, sehlulwa. Kule midlalo emithathu esiyidlale nabo senze kahle kodwa kulona sihluliwe, ibhola linjalo.
“Inhloso yethu bekuwukutholela abalandeli bethu amaphuzu amathathu. La maphuzu abezosibeka ethubeni elihle lokukhuphukela endaweni yesibili kwi-log. Besifuna nokunqoba lo mdlalo ka-100 weligi sibhekene nabo. Phela abadlali bebekudinga lokho,” kusho uZinnbauer.
Uqhube ngokuthi uLinda Mntambo noNtshikelelo Nyauza akabakhiphanga ngesiwombe sokuqala ngoba beboza.
“Sibonile ngesiwombe sokuqala ukuthi kasinawo amandla enele ikakhulukazi uma sesifika ngasemapalini ezimbangi.
“Bebehleli emuva isikhathi esiningi begadile. Yileso sizathu esenze ngabashintsha, besifuna ukubafakela ingcindezi ngoba bebegqishe emuva. Kangibashintshanga ngoba beboza, yingoba besidinga okwengeziwe phambili,” kusho uZinnbauer.
* Isiyonke imiphumela yemidlalo yeDStv Premiership: Sundowns 1, Leopards 1; AmaZulu 2, Tshakhuma FC 0; Chiefs 1, Pirates 0; TS Galaxy 0, Maritzburg 2; Baroka 1, Celtic 1; Chippa 2, Swallows 2; Arrows 1, Cape Town City 1; Stellenbosch 1, SuperSport 1.