OweChiefs akanavalo ngeDowns

491

Iyolala ibonene eFNB ngoMgqibelo

UMQEQESHI weChiefs u-Arthur Zwane

SENZO SOKHELA
AKANAVALO ngezimbangi ezinkulu azobhekana nazo umqeqeshi weKaizer Chiefs oseqala ukunuka iqaqa kubalandeli bale kilabhu. IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns koweDStv Premiership ngoMgqibelo ngo-20h00 eFNB Stadium, eSoweto. Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu njengoba kubhekene amakilabhu ahlonishwayo ebholeni lakuleli. Ngaphandle kwalokho, okubhekwe kakhulu wukuthi iChiefs izosibuyisa yini isithunzi sayo njengoba ibuya esibhaxwini sika-4-0 esithole kumaZulu FC ngeledlule, emdlalweni obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini. U-Arthur Zwane, ololonga iChiefs uthi akanalo noluncane uvalo ngeDowns. “Kithina akusho lutho ukuthi sizodlala nobani, yonke imidlalo siyithatha ngendlela efanayo.


“Ngebhadi sihluliwe emdlalweni wethu owedlule kodwa nakhona uma ubuka kahle, abafana kabadlalanga kabi, sihlulwe ngenxa yamaphutha ethu engikholwa wukuthi sifundile kuwona njengoba siya kulo mdlalo wethu olandelayo. “Noma kanjani sizobe sizilungiselele, sizobona khona ukuthi kuhamba kanjani. “Sibhekana nomdlalo ngamunye futhi wonke umdlalo esiya kuwona ngenhlosoyokuwunqoba,” kusho Khonamanjalo: IChiefs ibambe umoya ngoKeagan Dolly odlala esiswini onokuthinteka. UDolly ukhishwe ngesiwombe sesibili iChiefs ihlulwa ngo-1-0 yiSekhukhune United emasontweni amabili edlule emuva kokuba eshayisane kabuhlungu nonondweba uSiyabulela Qunta.
Imidlalo yeDStv Premiership ngale mpelasonto imi kanje: KUSASA NGOLWESIHLANU
ECape Town Stadium: Cape Town City vs TS Galaxy 19h30.
EPeter Mokaba Stadium: Sekhukhune United vs Swallows 19h30.
NGOMQGIBELO
EPrincess Magogo Stadium: Golden Arrows vs Maritzburg Utd 15h30.
EChatsworth Stadium: Royal AM vs Chippa United 15h30.
E-FNB Stadium: Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns 20h00.
EMoses Mabhida Stadium: AmaZulu vs Marumo Gallants 20h00.
NGESONTO
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs Stellenbosch 15h30.
ELucas Masterpieces Moripe Stadium: SuperSport Utd vs Richards Bay 17h30.

Previous articleKuvalwa igebe elisemacikweni kuboshelwa amadala nasafufusa
Next articleKusolwa uhulumeni kubulawa induna