OweChiefs nePirates weTKO eThekwini

795
Nangesizini edlule la makilabhu ashukane eMabhida

PHILANI NCALANE
ILETHWE eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, indumezulu yomdlalo weKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates abatonyulwe ukubhekana esiga-beni sama-quarter final kwiTelkom Knockout ngoMgqibelo womhla ka-2 kuLwezi (November) kophezulu. Lo mdlalo uzogijinywa ngo-15h00.
La makilabhu atonyulwe uku-bhekana ngoLwesibili ebusuku ngemuva komdlalo wokugcina we-last 16 lapho iChippa United ihlule khona iBloemfontein Celtic ngo-1-0 eSisa Dukashe Stadium, eMdantsane, eMonti.
Abalandeli balezi zinkunzi zaseSoweto behlelwe yinhlanhla yokuzitika kabili ngeSoweto Derby izimpelasonto zilandelana njengoba iziMpofana ziqhathwe neBucs kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo mhla ka-9 kuLwezi ngo-15h30 eFNB Stadium, eGoli.
ILANGA lithole ukuthi okupha-zamise kakhulu izinhlelo zokuthi lo mdlalo usingathelwe eGauteng, wukuthi ngakusasa ngeSonto kuzokuba neSoweto Marathon okulindeleke ukuba ingenelwe ngabasubathi abangu-40 000. Lo mjaho uphelela kuyona le nku-ndla yaseFNB, kanti nezinombolo zokuwungenela zilandwa ngo-Mgqibelo, okuwusuku lweSoweto Derby. IChiefs inobudlelwano obuhle neMabhida njengoba eminye imidlalo yayo yeligi yasekhaya ibuye iyidlalele kuyona le nkundla.
Muva nje, abeMabhida basanda kukhanda ubudlelwano neBidvest Wits esanda kuletha omunye wemidlalo yayo yasekhaya kule nkundla lapho yehlule khona iPirates ngo-4-3 koweligi muva nje.
Ngesizini edlule, iChiefs ne-Bucs bayigijime eMoses Mabhida imidlalo yama-quarter final. IBucs ihlule AmaZulu ngo-3-1, kwathi iChiefs yaguqisa iSuperSport United ngo-1-0 wegoli likaRama-hlwe Mphahlele. Lezi zinkunzi ziphinde zadudulana kowe-semi final yalo mqhudelwano eMabhida, iBucs yanqoba ngo-2-1 yase ihlulwa yiBaroka kowamanqamu eBhayi.
Ngaphambi kwalokhu, iChiefs ibigcine ukushukana nePirates eMabhida kowamanqamu weMTN8 lapho iziMpofana zinqo-be khona ngo-1-0 wegoli likaTefu Mashamaite ngo-2014. Lowo mdlalo kube ngowokugcina kaSenzo Meyiwa (ongasekho) kule nkundla abuyele kuyona ngenkonzo yokumphelezela ngemuva kokudutshulwa abulawe ngoMfu-mfu (October) wango-2014 eGoli.
Ukuza kwalo mdlalo eThekwini kuqinisekiswe yiPremier Soccer League (PSL) seliyozilahla kunina izolo kanti silobe kungakashiwo ukuthi amathikithi awo azoqala nini ukuthengiswa.
Isiyonke imidlalo yama-quarter final yeTelkom Knockout imi ka-njena:-
NGOLWESIHLANU mhla ka-1 kuLwezi (November)
EHarry Gwala Stadium: Maritzburg United vs Highlands Park 20h00.
NGOMGQIBELO mhla ka-2
EMoses Mabhida Stadium: Kaizer Chiefs vs Orlando Pirates 15h00.
EMbombela Stadium: SuperSport United vs Golden Arrows 20h15.
NGESONTO mhla ka-3
ENelson Mandela Bay Stadium: Chippa United vs Mamelodi Sundowns 15h00.

Previous articlekuxabene ubendle kwi-da
Next articleKwanda izinkinga ekhempini yeBucs