OweChiefs uphawula ngabadlali bakhe ababili

620

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uMolefi Ntseki, uphawula ngabadlali bakhe ababili abebeqala ngqa ukuqala umdlalo.

IChiefs ibambane neRoyal AM ngo-0-0  koweDStv Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto.

Yenze izinguquko kulo mdlalo njengoba iqalise okokuqala umgadli, uJasond Gonzalez (osesithombeni) noGeorge Matlou odlala esiswini.

Kuthuse abathandi bebhola ukubonakala kwalaba badlali kwazise uGonzalez usanda kufika kanti uMatlou isikimu usizwa nge-ndaba selokhu wasayina kwiChiefs  ngesizini eyedlule.

“Ngicabanga ukuthi benze kahle, kodwa-ke bazodinga isikhashana ukuze baqonde kahle indlela esifuna badlale ngayo njengokuthi kufanele bagebhe nini, kanjani. Nginesiqiniseko sokuthi emdlalweni ozayo bazoba ngcono,” kusho uNtseki.

Uthi ngeke aqinise kakhulu isandla kubadlali bakhe ngomphumela walo mdlalo.

“Sakhe inqwaba yamathuba sa-ngawasebenzisa, kodwa indlela esidlale ngayo kulo mdlalo ibe yinhle futhi besiligcina kahle nebhola. Inkinga nje kube wukubhakuzisa inethi. 

“Ngeke ngiqinise isandla kakhulu kubadlali bami, bakwenzile okungangamandla abo, thina nje kufanele sibheke umdlalo olandelayo,” kusho uNtseki.

IChiefs izobhekana neSuperSport United koweDStv Premiership ngoLwesithathu ngo-19h30, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.

Previous articleSitholwe sesonakele isidumbu “sobevakashele isoka”
Next articleUmndeni kaShenge ubonga ukwesekwa