OweChiefs uphika eyokwenyusa amasokisi ngoba egaqele inkontileka entsha

349

SENZO SOKHELA

UPHIKA eyokudlala ngokuzinikela ngoba efuna ukunikwa inkontileka entsha unozinti weKaizer Chiefs okusongwe unyaka odlule egila izimanga kule kilabhu yakwaMotaung.

Inkontileka kaBruce Bvuma (28) ovimbela iChiefs iyaphela uma kusongwa isizini. UBvuma kuvalwe imidlalo yeligi kunguyena ohleli ezintini zeChiefs. Selokhu enikwe ithuba igila izimanga. Lo mdlali uthi akadlali ngokuzinikela kwiChiefs ngoba nakhu efuna ukunikwa inkontileka entsha.

“Kangidlali kahle kanjena ngoba nakhu inkontileka yami iphela. Njengomdlali nami kunezinto engizibekele zona, engifuna ukuzizuza nekilabhu. Ngifuna ukubona ikilabhu inqoba. Ngifuna ukwenza ngcono (ibhola lami) ngizenzela mina nomndeni wami.

“Baningi abantu abangibhekile yingakho kufanele ngidlale ngokuzikhandla ukuze ngibanakekele. Nginanesigodi sangakithi okufanele ngisinakekele,” kusho lo mdlali ekhuluma neSABC Sport.

IChiefs kulindeleke ukuba ibuyele ensimini ngokubhekana neTS Galaxy ngoLwesibili esiya kulona ngo-19h30 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane. Nakuba imidlalo kubhekwe ukuba iqale yonke ngelizayo kodwa ingase iphazamiseke ethinta iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates njengoba la makilabhu enabadlali abaningi abasesikwatini seBafana Bafana esimele elakuleli kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ezosongwa ngeSonto ebusuku e-Ivory Coast. Abadlali beBafana kubhekwe ukuba batheleke kuleli ngoLwesibili.

Previous articleKabagculisekile ngempendulo kolwesikole esishiywe ngaphandle
Next articleUYaya usezidonsele iso lezinkunzi zase-Europe