SENZO SOKHELA
UZULELWA ngamanqe unozinti weKaizer Chiefs, uBrandon Peterson njengoba kuvela ukuthi amaphutha akhe asezimi emphinjeni izikhulu zale kilabhu.
IChiefs iphinde edume ngakho iphoxa abalandeli bayo, yehlulwa yiLamontville Golden Arrows ngo-2-1 koweDStv Premiership eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo.
Amagoli e-Arrows womabili ashaywe nguKnox Mutizwa, eleChiefs kwaba nguSifiso Hlanti.
UPeterson wenze adume ngazo kulo mdlalo enza inkunzimalanga yephutha egolini lokuqala le-Arrows, njengoba
ethe uzama ukucima ibhola
esebhokisini, lasala ngemuva, uMutizwa walibhakuzisa enethini.
Isenzo salo nozinti sicasule esinye sezikhulu zale kilabhu njengoba silibeke ngesihloko kwebesikhuluma nabo elokuthi sikhathele ngamaphutha akhe.
Size sakuphimisela ukuthi sizomtshela izindaba zakhe. Nokho lesi sikhulu kasivumelekile ukukhuluma nabezindaba.
Lo nozinti wenza la maphutha nje, iyaphela inkontileka yakhe uma kusongwa isizini.
UCavin Johnson ololonga iChiefs, obekungumdlalo wakhe wokuqala ebambile kulesi sikhundla, ebuzwa ukuthi uthini ngamaphutha alo nozinti, uthe ubeqala ukumubona enza iphutha, ngakho-ke ngeke
akhulume ngokwedlule.
Uthe ubone inhlansi yethemba kwezakhe ngendlela ezidlale ngayo, wathi kusesekuseni ukuthi kungakhulunywa ngesicoco seligi kuthiwe iMamelodi Sundowns isihambe naso.