OweChiefs uveza okubachaze ngoSirino

379

SENZO SOKHELA

ISIKHULU seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jnr, sihehwe yindlela akwazi ukuvula ngayo izitobha uGaston Sirino (33) (osesithombeni) olaxazwe yiMamelodi Sundowns abesehlale iminyaka kuyona. NgoMgqibelo ntambama, iChiefs imemezele uSirino odabuka e-Uruguay, odlala esiswini, njengomdlali wayo omusha, kanti uqalile izolo ngoMsombuluko
ukujima nozakwabo. 

Kuvele ukuthi lo mdlali usayine inkontileka yeminyaka emibili neziMpofana. 

UKaizer Jnr uthe babheke ukuthi isipiliyoni salo mdlali sokunqoba izinkomishi (neDowns) selekelele abadlali abasebancane beziMpofana ukuzuzela le kilabhu okuthile njengoba sekuphele iminyaka ewu-9 ingayinqobi inkomishi. Lo mdlali watheleka eNingizimu Afrika
ezojoyina iDowns ngo-2018, esuka kwiBolivar yaseBolivia. Ugijime imidlalo ewu-202  kwiDowns, washaya amagoli awu-41, wakha awu-40. Unqobe izinkomishi eziwu-12 nayo, okukhona kuzona neziwu-7 zeligi.

UKaizer Jnr oyi-sporting director kwiChiefs, uthe: “Sinqume ukwengeza isipiliyoni ekilabhini yethu, yingakho silethe uSirino. “Siyawazi amagalelo akhe. Unesiphiwo sokuvula izitobha, esikholwa wukuthi yinto obekufanele siyengeze ekilabhini. Indlela adlala ngayo ingena khaxa kule esifuna ukudlala ngayo.”

Previous articleOkamaskandi ujabulele ithuba lokuba kwiShaka Ilembe wancoma iMpucuzeko
Next articleOwe-gospel uthembisa lukhulu ngomzungezo weqembu lakhe