Baseqoqweni elilodwa ne-Al Ahly
SENZO SOKHELA
UBONA ubunzima ezingwazini abaqhathwe nazo koweCaf Champions League umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRulani Mokwena, okubhekwe lukhulu kuyena ngalo mqhudelwano. IDowns itonyulwe eqoqweni elilodwa u-group B ne-Al Ahly yase-Egypt, i-Al Hilal yaseSudan, neCoton Sport yaseCameroon. Nangesizini edlule iDowns itonyulwe neTeam of the Century (Al Ahly) eqoqweni elilodwa. Ne-Al Hilal nayo beyikulona lelo qoqo ngesizini edlule. IDowns iyehlule kabili i-Al Ahly ebiqeqeshwa nguPitso “Jingles” Mosimane ogcine esulile.
UMokwena uthi i-Al Ahly abazobhekana nayo manje ngeke neze ifane neyangesizini edlule kusekhona uMosimane. “Kuhlale kunzima ukuhambela eCairo, okuyidolobha le-Al Ahly. “Kuyinkinga ukubhekana nalaba bantu, ikakhulukazi ekhaya ngenxa yendlela abayiyona. “Nokho i-Al Ahly yamanje izokube yehlukile kuneyangesizini edlule, silindele ukuthi kushayanwe ngobuhlakani. “Sesiyibukile imidlalo yayo embalwa, kodwa manje kufanele sibe siqala siyihlaziya kahle ngokugcwele. “Sizama nokuthola lonke ulwazi olungaba khona ngayo,” kusho uMokwena.
Uthi kuyabajabulisa ukuthi umdlalo wabo ne-Al Ahly usuphenduke omkhulu kwiCaf Champions League. “Noma kanjani usuphenduke umdlalo omkhulu kulo mqhudelwano ekhaya nasekuhambeni. “Isizathu salokho wukuthi sekujwayelekile ukuthi la makilabhu ahlangane “Sikulangazelele ukubhekana nayo ngoba nathi sikholwa wukuthi sinabadlali abaseqophelweni eliphezulu abazokwazi ukumelana neza nakho,” kusho uMokwena. Sekuwumlando ukuthi iSundowns yaguqa kwi-quarter final yalo mqhudelwano ngesizini edlule, ihlulwa yiPetro de Luanda yase-Angola ngo-3-2 sekuhlanganiswe yomibili imilenze. I-Al Ahly yahlulwa yiWaydad AC yase-Morocoo ngo-2-0 kowamanqamu.