OweDowns usewushiyele kubadlali umthwalo ngo-R75 million we-AFL

490

SENZO SOKHELA

UYISHIYELA kubadlali bakhe eyokuthi bayafuna yini ukungena endumisweni uRulani Mokwena ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns ezobhekana neWydad Casablanca yaseMorocco emlenzeni wokuqala wamanqamu e-Africa Football League (AFL) namuhla ngo-18h00 kulo leliya lizwe.

IDowns ifinyelele kowamanqamu emuva kokuguqisa i-Al Ahly yase-Egypt ngo-1-0 wegoli likaThapelo Maseko ngeledlule sekuhlanganiswe yomibili imilenze. IWydad yona ihlule i-Esperance yaseTunisia ngo-5-4 wamaphenathi.

Kube wu-1-1 sekuhlanganiswe yomibili imilenze.

Umdlalo weDowns neWydad ubhekwe ngabomvu njengoba uza negqubu kwiDowns. Kuzokhumbuleka ukuthi iWydad yiyona ekhiphe iDowns kwi-semi final ye-Caf Champions League ngesizini edlule. 

Uma iDowns inqoba lo mqhudelwano, izokhala yemuke no-R75 million. Ngokufinyelela kowamanqamu isizizuzele u-R56,6 million.

“Sekusele kancane singene endumisweni, kodwa ukungena kwethu sekulele kubadlali. Yibona abazonquma ukuthi bayafuna yini ukuqopha omunye umlando.

Noma kanjani, kufanele siqede manje ngeWydad” esho.

Umlenze wesibili wala makilabhu uzokuba ngoMgqibelo ozayo eLoftus Stadium, ePretoria. Isikhathi sokuqala komdlalo sisazomenyezelwa.

Previous articleKubulawe esinye isikhulu sezamanzi kuMasipala weTheku
Next articleBasabisa ngokuduba i-ANC abebesiza ezikoleni