OweMK uzovela enkantolo ngokuvubela udungunyane

148

INTATHELI YELANGA

UZOVELA kusasa ngoLwesithathu eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth umholi woMkhonto Wesizwe Party (MKP), uMnu Visvin Reddy (osesithombeni) meyelana nenkulumo yakhe emumethe inhlabathi yodlambedlu, esabisa ngodlame uma kuwukuthi i-IEC nezinkantolo bathatha izinqumo ezingavuni uMnu Jacob Zuma. UReddy ubekwe icala ngaphansi komthetho iRiotous Assemblies Act 17 of 1956 mayelana nokuvubela udungunyane njengoba ngenyanga edlule ethe “kuyoba nemibhikisho engakaze ibonakale kuleli lizwe” uma izinkantolo zikhipha izinqumo ezingavuni iMK noZuma.

Kwisithombemnyakazo (video) esisabalele ezinkundeni zokuxhumana – senkulumo yakhe yamhla ka-2 kuNdasa (March) – kuzwakala uReddy ethi: “Sithi masikubeke kucace ukuthi kwesinye isikhathi lezi zinkantolo ziye zibanjwe ngabathile ngamankwahla. Uma zivimba iMK, kuyochitheka gula linamasi kuleli lizwe. Kuyoba nemibhikisho engakaze ibonakale phambilini. Kwawukhetho lolo ngeke lubekhona. Akekho umuntu waseNingizimu Afrika ozovota uma iMKP ingekho ephepheni lokuvota.” Uqhube ngokuthi uma uZuma ekhahlelwa (yi-IEC nezinkantolo) njengelinye lamafolosi eMKP njengoba kuyiwa okhethweni mhla ka-29 kuNhlaba (May) nonyaka, iMKP leli lizwe iyolivala thaqa. Ekhuluma neNews24, uReddy ubonakale engenalo nolunci uvalo ngokubekwa amacala. Uthe uzoluphosela inselelo lolu daba, okuyothi uma elunqoba, amangalele umbuso. 

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mholi uzovela enkantolo nje, i-IEC isivele imkhahlelile uZuma njengelinye lamafolosi eMKP, izeseka ngokuthi uMthethosisekelo kawuvumi ukuba umuntu oke wagwetshwa izinyanga eziwu-12 – wanganikwa ithuba lokukhokha isinxephezelo – abe yingxenye yabagaqele izikhundla uma kunokhetho. Sekuwumlando ukuthi uZuma wagwetshwa izinyanga eziwu-15 ngokudelela umyalelo wenkantolo, yize engazihlalanga zonke ekhulukuthu.

Previous articleBagile izimanga abakhokhi bentela kunyaka-mali osanda kuphela
Next articleI-Bay FC “ibuyise” umqeqeshi eyanyukela naye kwiDStv Premiership