Owephoyisa ushaye unqimphothwe ecaleni lokubulawa komyeni wakhe

281

SKHOSIPHI MTHEMBU

ISHAYE ingwijikhwebu ngesikhathi ivele eNkantolo yeMantshi eMlazi ngoLwesibili inkosikazi yephoyisa, esolwa ngokwakha itulo lokulibulala, yathi isikulungele ukufaka isicelo sebheyili. 

UNkk Nongcebo Ntombela, ukusho lokhu ngesikhathi evele enkantolo ngecala lokubulawa kukaCapt Thomas Ntombela, owadutshulwa esemzini wakhe kwa-S, eMlazi ngoNhlaba (May). Ubevele noKhulani Cele, okusolwa ukuthi balakha naye itulo lokubulala umufi. 

UKhulani kuthiwa wakwenza lokhu engaphakathi ejele, edonsa udilikajele ngecala lokubulala ikhansela laseMandeni eminyakeni eyedlule. 

ILANGA selibike izikhawu eziningi ngaleli cala njengoba uNkosinathi Ntombela okunguye owayeqashelwe ukuba abulale uCapt Ntombela, walivuma icala, kumanje udonsa isigwebo seminyaka ewu-20. 

NgoLwesibili, umshushisi, uMnu Khulekani Mzotho, uveze ukuthi njengoba phambilini babesalinde ukuba umphathi wabashushisi alucubungule lolu daba, usesikhiphile isinqumo sokuba kumele ludluliselwe enkantolo enkulu. 

Uthe yize kunjalo, uzocela ukuba icala lihlehliselwe inyanga ezayo ukuze uNkk Ntombela ezofundelwa amacala abhekene nawo ngaphambi kokuba liye enkantolo enkulu.  

Ummeli kaNkk Ntombela, uMnu Ashwin Rughbeer, uthe akanankinga nalesi sinqumo, kodwa wabe esetshela inkantolo ukuthi ikilayenti lakhe selikulungele ukufaka isicelo sebheyili. 

Uthe njengoba wayeshilo phambilini, ukuthi okwenza lakumisa ukufaka isicelo sebheyili, yingoba abezindaba babelubheke ngabomvu lolu daba, okwakwenza impilo yalo ibe sengcupheni. 

skhom@ilanganews.co.za

Previous articleMayibhekisiswe imigomo nemithetho kahulumeni ngaphambi kokwethulwa
Next articleISadtu iyaziqhathulula kolokumiswa kwezivivinyo