OwePirates udalula okubaqhathe neChiefs

564

UJose Riveiro usola abadlali ngokushintsha isitayela sakhe

SENZO SOKHELA
UDALULA okubaqhathe nenduku umqeqeshi we-Orlando Pirates eguqiswe yizimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs ngo-1-0 koweDStv Premiership ngoMgqibelo ntambana eFNB Stadium, eSoweto. Igoli edliwe ngalo iBucs liqatshuliswe enethini nguYusuf Maart oqokwe njengomdlali ovelele. IBucs iye kulo mdlalo iyizimfivilithi ukuwunqoba njengoba ibisanda kuxebulaiMamelodi Sundowns ngo-3-0 ovuthayo maqede amaSandawana enza izinguquko kubaqeqeshi. Nokho abalandeli bamaBhakabhaka bagoduke bephoxekile njengoba eguqile. UJose Riveiro waseSpain ololonga iPirates, uthi ukholwa wukuthi yindlela abawuqale ngayo lo mdlalo ebaqhathe neChiefs.


“Indlela esiwuqale ngayo umdlalo yiyona esiqhathe nesibhaxu. “Umdlalo wethu siwuqale sinensa, kangazi ukuthi lokho kwenziwe yini. Kakusiyona indlela esiwuqala ngayo thina lena umdlalo, yingakho sigcine sesihlulwa, empeleni besidlala njengabo. “Kube neziqubu ebengibona ukuthi bayazama ukulenyusa igiya abadlali kodwa libuye lehle. “Ngesiwombe sokuqala amakilabhu abelingana, kayikho ebeyingaphezulu kwenye,” kusho uRiveiro. Uthi usazohlala phansi awubukisise kahle lo mdlalo. “Ngesiwombe sesibili sibe ngconywana ngenxa yezinguquko esizenzile, sashintsha nohlelo lokudlala.


“Ibhola besesilidlala kakhulu emngceleni wabo, ngeshwa basibamba, bashayaelihle igoli unozinti wethu engaphandle komugqa wegoli. “Ngebhadi kasikwazanga ukushintsha umphumela. “Uma uhluliwe kufanele uhambe uyobhekisisa izizathu eziningi ezenze waguqa yingakho ngisazoyowubukisisa lo mdlalo. “Ngifuna ukuyowucubungula, ngibheke nokuthi kungani siqale ngegiya eliphansi kangaka. “Kuwumsebenzi wami ukuthi ngikwenze lokho ukuze singakuphindi ngokuzayo.”

Previous articleBalinde izwi loNyazi ngomcimbi weSilo
Next articleUMFANYANA (4) UDINGA ISIHLALO ESINAMASONDO