OwePirates ukhuza abaqhathanisa umdlali wabo noweChiefs

591

noweChiefsAselungile amaphepha omgadli odabuka

eCameroonUMGADLI omusha wePirates uSouaibou Marou okulindelwe ukuba abonakale emdlalweni neMaritzburg United.

SENZO SOKHELA

UMQEQESHI we-Orlando Pirates wenza isicelo kubalandeli bale kilabhu ngomgadli wabo abasanda kumsayinisa. IBucs izobhekana neMaritzburg United koweDStv Premiership kusasa ngoLwesihlanu ngo-19h30 e-Orlando Stadium, eSoweto. IBucs kulindelwe ukuba iveze umgadli wayo omusha kulo mdlalo uSouaibou Marou (22), odabuka eCameroon. Ubegijima kwiCoton Sport FC okungenye yamakilabhu amakhulu eCameroon. Lo mdlali kuvela ukuthi aseqondile amaphepha akhe amgunyaza ukudlala kuleli okungenza ukuthi abonakale kulo mdlalo weMaritzburg. Nokho umqeqeshi wakhe uJose Riveiro uzokube engekho ebhentshini ngenxa yesigwebo sekhadi elibomvu alithole behlula ngo-2-0 i-All Stars koweNedbank Cup Last 32 ngeledlule eBidvest Stadium, eGoli.

UMandla “Mhloli’’ Ncikazi ongumsizi kaRiveiro kwiBusucela abalandeli bale kilabhu nabezindaba ukuba bakugweme ukuqhathanisa uMarou nomgadli weKaizer Chiefs, uChristian Saile, Basomboli (22) waseDemocratic Republic of Congo, osayiniswe yiziMpofana zimthatha kwiNchanga Rangers yaseZambia. Uthi lento izofakela umgadli wabo ingcindezi engenasidingo. “Ngiyacela bangamfakeli ingcindezi lo mgadli ngoba sihamba ngesethu isivinini asifuni ukumjaha. “Asikho isidingo sokulokhu eqhathaniswa nomgadli weChiefs. “Umgadli weChiefs ubedlala eZambia lapho okukhulunywa khona isiNgisi, kanti lo owethu uqhamuka eligini eyehlukile okuxhunywana kuyona ngesi-French. “Baqhamuka ezindaweni ezingefani, ukuxhumana kusazoba yinkinga kuyena, yingakho ngibo-na kungenziwa ubulungiswa uma beqhathaniswa, ’’ kusho uNcikazi.senzos@ilanganews.co.zaI

Previous articleIkhalenda -sihalalisela bonke abaphumelele!
Next articleKugezeke igama le-IFP kwelokusoconga