OwePmb Utd uthi bafakwe emphandlwini wamabhubesi beqhathwa neDowns

236

UVUMA eyokuba yingozi kweMamelodi Sundowns uSimo Dladla ongumqeqeshi weMaritzburg United okhale ngokuphonswa emphandlwini wezingonyama kwiNedbank Cup.

La makilabhu azotholana phezulu kwi-last 16 yalo mqhudelwano ngeSonto ngo-18h00 ePitoli.

UDladla uthi nakuba kuyisifiso sawo wonke umuntu ukubhekana neDowns kodwa izinto ziyashintsha nxa sekusenkundleni, njengoba iqine kuzona zonke izingxenye.

Nokho uthi bazokwenza konke okusemandleni ukwenza kahle.

Previous articleLigcwale umoya kowe-IEC osabalalise uhlu lwe-ANC neMK
Next articleKwexwayiswa ngesimo sezulu esinamandla ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal