Oweqiwa yijezi kwiPirates useziqashele umlolongi

457

MFANAFUTHI NDLOVU

USEZIQASHELE umlolongi ozompheka ngasese umgadli oweqiwa yijezi kwi-Orlando Pirates esanda kuvikela isicoco seMTN8.

UBienvenu Eva Nga (33) waseCameroon (osesithombeni) ofike ngokuqala kwesizini kweZimnyama, uthi unethemba lokuthi ngosuku azolithola ngalo ijezi, uzokube esekulungele ukugadulisa izitobha futhi ahlohle amagoli amqoka ukusiza ezakhe zinqobe imidlalo.

Lo mgadli ubengomunye wabadlali abebehambele umcimbi wakwa-Adidas obuseThekwini muva nje. Utshele abezindaba ukuthi uzoqhubeka nokulwela ijezi kweZimnyama. 

Lo mdlali uzithola esebhekene nesimo sokweqiwa yijezi nje kwiBucs, ubewaqhulula amagoli esagijima kwiChippa United ngesizini edlule. 

Sekuwumlando ukuthi wake wayibamba kwiBlack Stars yaseCameroon ngo-2013/2014, kwiBidvest Wits ngo-2020 nakwiChippa njengoba esenendondo yegolide yeMTN yokuqala empilweni yakhe.

Previous articleKukhalwa ngamasela axake amaLuthela
Next articleAbaholi be-IFP baphika eyokungadlelani