NHLANHLA HUDLA
AKAFISI kumphinde okumehlele ngesizini edlule umnikazi weRoyal AM, edlala kwiBetway Preship, uShauwn Mkhize (osesithombeni) njengoba le kilabhu yakhe ithwale kanzima yaze yalengela ezembeni. UShauwn ubekhuluma neLANGA ngeSonto ngesikhathi kuqhubeka imidlalo yeKwaZulu-Natal Premier’s Cup, ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oNdini.
Uthe akakuphuphi ngisho elele ukuzithola esephefumula ngenxeba njengoba kwenzekile emidlalweni yokugcina ngesizini edlule. “Njengoba imidlalo (yeBetway Premiership) izoze iqale ngoMandulo (September) nje, sizokwenza okusemandleni ethu ukuthola imidlalo yokugcina abadlali beqatha. Ngikholwa wukuthi uma udlala njalo, yilapho othola khona ithuba lokwenza kahle. Sifunde lukhulu ngesizini edlule, sihlose ukwenza kangcono kakhulu kulokhu. “Sizoqhubeka sisebenze ngokuzikhandla ukubeka ikilabhu endaweni efanele,” kusho uMaMkhize.
Uzwakalise ubuhlungu ngokuthi kakukho ngisho eyodwa ikilabhu yaKwaZulu-Natal engene kwi-top 8 – ukuze ibambe iqhaza emidlalweni yeMTN 8 equal ngempelasonto essay kuyo.
*Khonamanjalo, luphumile uhlu lwama-quarter final eMTN8, lumi kanje:
NGOMGQIBELO
E-Orlando Stadium: Orlando Pirates vs SuperSport United 18h00.
NGESONTO
EDanie Craven: Stellenbosch vs TS Galaxy 15h00.
NGOMGQIBELO mhla ka-10
ENew Peter Mokaba: Sekhukhune vs Cape Town City 15h00.
NGESONTO mhla ka-11
ELucas Moripe: Mamelodi Sundowns vs Polokwane City 15h00.