OweSharks uzogijima umdlalo wakhe wokuqala emuva kweminyaka ewu-4

316

SAZI MKHWANAZI MAJOLLAH

UZOGIJIMA umdlalo wakhe wokuqala osemthethweni emuva kweminyaka ewu-4 umdlali weCell C Sharks owamiswa ngo-2019 ngenxa yokutholakala kwezikhuthazi ezingavumelekile kwezemidlalo. U-Aphiwe Dyantsi (osesithombeni) owayevutha engabaselwe kwiLions yaseGoli ngesikhathi emiswa, uzobonakala ephikweni oShaka bebhekene ne-Ospreys yaseWales kwiVodacom United Rugby Championship eLondon namuhla ngo-21h35. Lo mdlali wamiswa eseqalile nokuziphendlela indawo eqenjini lesizwe, AmaBhokobhoko. ISharks engelinye lamaqembu aseNingizimu Afrika enza kahle kulo mqhudelwano, iwuqale ngebatha njengoba isihlulwe yomibili imidlalo esiyigijimile. Ivule ngenduku ka-34-21 eyithole kwiMunster yalandelisa ngo-34-13 kwiLeinster – okungamaqembu ase-Ireland angagayelwa mphako. Ubufakazi balokho wukuthi iLeinster isayinqobe kawu-8 le nkomishi kanti iMunster isayiqukule kawu-4. Umqeqeshi weSharks – elele endaweni yesibili ukusuka emsileni wamaqembua awu-16 eChampionship – uJohn Plumtree, uke waveza ukuthi uzimisele ngokwenza izinguquko eqenjini lakhe ukuze lidlale ngendlela ehlaselayo, ezonyakazisa abalandeli ezihlalweni futhi linqobe ngembudlu yama-try. Esicongweni kuhleli iDHL Stormers yaseCape Town enqobe iChampionship ngesizini ka-2021/22. IStormers izobhekana neGlasgow Rangers yaseScotland ngo-21h35. Amanye amaqembu akuleli; iBulls izobhekana neZebre yase-Italy ngoMgqibelo ngo-15h00 ekuhambeni. ILions yona izodudulana neBenetton yase-Italy ngeSonto ngo-15h00 ekuhambeni.

Previous articleLimthethile “umengameli wamabhinca”
Next article“Umkhuleko” kaRamaphosa nge-Agoa