owesibaya nethemba lokuheha ababukeli ngendawo ayidlalayo

784

SANDILE MAKHOBA

 

INTOKAZI yaseMgungundlovu ithembisa ukubuyisa ababukeli abazidingisile ekubukeni umdlalo owuchungechunge, Isibaya odlala kuMzansi Magic (channel 161) ngo-20h30 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu.

Lesi siphalaphala sentokazi esizobe silingisa uZoey kulo mdlalo, nguNondumiso Jozani (24). sijoyine lo mdlalo obophele abalingisi bezinga eliphezulu okubalwa kubona uSiyabonga Twala odlala indawo kaMpiyakhe Zungu, u-Ayanda Borotho odlala ekaPhumelele Zungu noSdumo Mtshali onguSibusiso Ndlovu.

Ngokusho kukaNondumiso uZoey uyintokazi enhle ezofika nomfutho kulo mdlalo. Useqalile ukushutha kuwona. Ekhuluma nephephandaba ILANGA, uthi okuzokwenziwa nguZoey kuzokwenza nomuntu obengasasibuki Isibaya, abuyele ekhaya njengendodana yolahleko. 

“Angiyile ukuyodlala laphaya, kodwa ngiyokwenza into yamehlo. U-Zoey akafani namuntu, akekho umlingiswa oseke wenza njengaye, uzoshiya ababukeli becela impinda,” kusho uNondumiso. 

Le ntokazi izoqala ukubonakala kulo mdlalo ekuqaleni kukaMbasa (April). 

Le ntokazi kayingenanga kulo mdlalo ngoba nakhu nje ithole ithuba, kodwa ineDegree yeSpeech and Drama eyithole eDurban University of Technology. 

Ithi iphupho layo akukhona ukugcina ekulingiseni nje, kodwa ifuna ukuphuma ihambe amazwe njengoba ibuye imodele. Ithi uthando lokulingisa lwaqala isafunda amabanga aphezulu, yaze yenza isifundo sakhona. 

“I-drama yiyona engayiphasa kakhulu kumatikuletsheni, ngase ngenza yona esikhungweni semfundo ephakeme,” kusho yena. Uthi isikhathi sokuchoma ngobuhle nokuthi wazi bani, ubona ukuthi siphelile, abantu kumele bakwazi ukusukuma bazimele.

“Amantombazane amahle kumele akuqonde ukuthi ubuhle akumele buhambe bodwa, kodwa kumele umuntu afunde ukuze ezokwazi ukuthola umsebenzi awudingayo, akwazi nokulwela umholo awudingayo,” kusho yena. 

Utshele ILANGA ukuthi ubukela kubalingisikazi okubalwa kubona uSindi Dlathu okumanje udlala indawo kaLindiwe Dlamini-Dikana kwiThe River edlala ku-1Magic (channel 103) ngo-20h00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu noConnie Ferguson odlala ekaHarriet Khoza kuMzansi Magic ngo-21h00 ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. 

“Angifuni ukugcina ngokulingisa, kodwa ngifuna ukuba ngumdidiyeli ohlonishwayo,” kusho yena. Ubonge kakhulu owesilisa athandana naye athi nguyena omeseka kakhulu ezintweni eziningi azenzayo. 

Le ntokazi isenabo abazali, ithi bayayeseka emsebenzini wayo.

makhoba@ila-nganews.co.za

 

 

Previous articleKuwe insika kwezokwelapha
Next articleOkamaskandi wexwayiswe ngokungcwekisana nabasakazi